Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 4:4 - IsiZulu 2020

4 Ngaleso sikhathi uDebhora umphrofethikazi, umkaLaphidothi, wayengumehluleli kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UDebora umprofethikazi, umkaLapidoti, wahlulela u-Israyeli ngaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UDebora, umprofethikazi, umkaLapidoti, wayehola u-Israyeli ngaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 4:4
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHilikiya umphristi, u-Ahikamu, u-Akhibhori, uShafani, no-Asaya baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo, owayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili, bakhuluma naye.


“Nkulunkulu wami, khumbula okwenziwe nguThobiya noSanibhalathi, ungiphindiselele kubo nakumphrofethikazi uNowadiya, nakwabanye abaphrofethi abazama ukungesabisa.”


Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina.


“Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kumadodakazi abantu bakini, umelane nawo, abaphrofetha okuvela enhliziyweni yawo, bese uphrofetha kuwo.


Nganikhuphula eGibhithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathumela uMose, u-Aroni noMiriyamu ukuba banihole.


Kwakukhona nomphrofethikazi, u-Ana, owayeyindodakazi kaFanuweli, wesizwe sika-Aseri; wayesekhule kakhulu. Wayehlale nendoda yakhe iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe.


Yena-ke wayenamadodakazi amane, ayizintombi eziphrofethayo.


Kepha yilowo nalowo owesifazane okhuleka noma aphrofethe lingemboziwe ikhanda, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba kuyafana lokho nokuthi uphucile.


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


Wayevame ukuhlala phansi kwesihlahla sesundu sikaDebhora, phakathi kweRama neBhethele kwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli babenyukela kuye ukuba abehlulele.


UDebhora noBharaki, indodana ka-Abhinowami, bacula ngalolo lusuku, bathi:


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka