AbAhluleli 3:17 - IsiZulu 2020 Wahambisa umnikelo ku-Egiloni, inkosi yakwaMowabi. U-Egiloni wayekhuluphele kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi isipho, kepha u-Egiloni wayengumuntu okhulupheleyo kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Waletha isipho ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi; u-Egiloni wayengumuntu okhuluphele kakhulu. |
Bakhuluphele, bayacwebezela, yebo, ububi babo abunamkhawulo, abehluleli ngokulunga, abazimeli izintandane ukuba nazo ziphumelele, abawalweli amalungelo abampofu.
“Noma ningathokoza, niqhoshe, nina baphangi befa lami; noma ningagxumagxuma njengesithokazi otshanini obuluhlaza, nikhalise okwamahhashi anamandla;
“ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade kuzo, ithi: Mina ngiyakwehlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nalezo ezondileyo.
U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubude bayo buyikhubhithi, wayibophela ethangeni lakhe lakwesokunene ngaphansi kwezingubo zakhe.
U-Ehudi eseqedile ukwethula umnikelo ku-Egiloni, wabamukisa abantu ababethwele umnikelo.
Ngaleso sikhathi babulala abakwaMowabi abayizi-10 000 abanamandla, amadoda ayizidlakela, akuzange kuphunyuke namunye.
Kungani niwedelela umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, uhloniphe amadodana akho kunami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle yakwa-Israyeli, yabantu bami na?’