Labo abathi: “Thina sigabe ngolimi lwethu. Sisho umathanda ngalo. Pho iphi le nkosi ethi ingasiphatha na?”
AbAhluleli 21:25 - IsiZulu 2020 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli, bonke abantu babenza lokho ababekubona kukuhle emehlweni abo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe. |
Labo abathi: “Thina sigabe ngolimi lwethu. Sisho umathanda ngalo. Pho iphi le nkosi ethi ingasiphatha na?”
Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.
Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.
Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.
“Aniyukuzenza zonke izinto esizenza lapha namuhla, njengoba yilowo nalowo enza akubona kulungile emehlweni akhe,
Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo muntu wayenza lokho ayekubona kulungile emehlweni akhe.
Ngalezo zinsuku kwakungenankosi kwa-Israyeli. Ngaleyo mihla futhi isizwana sakwaDani sazifunela enye indawo yokuhlala, ngokuba kuze kube yileso sikhathi sasingabelwanga indawo phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli.
Amadoda amahlanu aqhubeka nohambo, kwathi lapho efika eLayishi, abona ukuthi abantu abalapho bahleli ngokuvikeleka, njengamaSidoniya, banokuthula, abaxwaye lutho, akukho lutho ezweni olwalungabajabhisa, futhi bacebile. Ngaphezu kwalokho babehlala kude namaSidoniya, futhi bengazihlanganise namuntu.
Ngalezo zinsuku, kwakungekho nkosi kwa-Israyeli. Kwasuka umLevi othile owayegogobele endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBhethlehema kwaJuda.
Abakwa-Israyeli behlukana lapho ngaleso sikhathi, ngezizwana nangemindeni, basuka lapho babuyela ezindaweni zabo.