Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 19:1 - IsiZulu 2020

1 Ngalezo zinsuku, kwakungekho nkosi kwa-Israyeli. Kwasuka umLevi othile owayegogobele endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBhethlehema kwaJuda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalezo zinsuku kungekho nkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ezintabeni zakwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBetlehema Juda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 19:1
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nesancinza sakhe esigama laso kunguRehuma samzalela amadodana uTebha, uGahamu, uTahashi, noMahakha.


kodwa amadodana ezancinza zakhe, u-Abhrahama wawanika izipho esaphila, wayeseyawaqhelisa endodaneni yakhe u-Isaka, aya ngasempumalanga, empumalanga.


URaheli wafa, wangcwatshwa ngasendleleni eya e-Efratha, okuyiBhethlehema.


U-Absalomu bammisela ithende ophahleni lwendlu. U-Absalomu walala nazo zonke izancinza zikayise phambi kuka-Israyeli wonke.


UJowabe wangena endlini yenkosi, wathi kuyo: “Namuhla uzidumazile izinhliziyo zazo zonke izinceku zakho ezisindise ukuphila kwakho ngalolu lusuku, nokuphila kwamadodana namadodakazi akho, abafazi bakho nezancinza zakho,


UDavide wafika esigodlweni sakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abalishumi, abayizancinza zayo, eyayibashiyile ukuba banakekele isigodlo, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayilalanga nabo. Bavalelwa kwaze kwaba lusuku lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


USawule wayenesancinza, igama laso kunguRizpha, indodakazi ka-Ayiya. U-Ishi Bhoshethi wathi ku-Abhineri: “Usingeneleni isancinza sikababa na?”


UDavide wabuye wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, ngesikhathi esefikile khona evela eHebhroni. Bamzalela uDavide amadodana namadodakazi.


USolomoni wayenabafazi abangamadodakazi amakhosi abangama-700, nezancinza ezingama-300. Amakhosikazi akhe ayiphambukisa inhliziyo yakhe.


Nanka amagama azo: uBheni Huri kwelezintaba kwa-Efrayimi;


URehobhowamu wamthanda uMahakha, indodakazi ka-Absalomu, ukwedlula bonke abafazi bakhe nezanciza zakhe; wayeganwe ngabafazi abali-18 nezancinza ezingama-60. Wazala amadodana angama-28, namadodakazi angama-60.


Yayiya lapho kusihlwa, kuthi ngakusasa ekuseni iyiswe kwenye indlu iyonakekelwa nguShawashigazi, umthenwa owayengamele izancinza zenkosi. Yayingeke iphinde ingene enkosini, ngaphandle kokuba inkosi iyithandile, yayibiza ngegama.


Base beziletha izitsha zegolide ezazithathwe ethempelini eliyindlu kaNkulunkulu, eJerusalema; inkosi, izikhulu zayo, omkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo.


“Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu.


“ ‘Nawe Bhethlehema, lizwe lakwaJuda awumncinyane kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuwe kuyakuvela umbusi oyakwelusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”


Bamngcwaba eThiminathi Sera eyifa lakhe, ekwelezintaba kwa-Efrayimi, enyakatho yentaba iGahashi.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bamngcwaba eGibheya umuzi kaFinehasi indodana yakhe, ayewunikiwe kwelezintaba kwa-Efrayimi.


Emva kukaJeftha kwalandela u-Ibizani waseBhethlehema ukwehlulela u-Israyeli.


Kwakukhona umuntu kwelezintaba kwa-Efrayimi ogama lakhe kunguMikha.


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo muntu wayenza lokho ayekubona kulungile emehlweni akhe.


Kwakukhona insizwa eBhethlehema kwaJuda, ingeyesizwana sakwaJuda. YayingumLevi, igogobele lapho.


Leyo ndoda yawushiya umuzi iBhethlehema kwaJuda, ukuba iyohlala lapho yayingathola khona indawo. Yahamba yaze yafika endlini kaMikha kwelezintaba kwa-Efrayimi.


Ngalezo zinsuku kwakungenankosi kwa-Israyeli. Ngaleyo mihla futhi isizwana sakwaDani sazifunela enye indawo yokuhlala, ngokuba kuze kube yileso sikhathi sasingabelwanga indawo phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli.


Asuka lapho, aqhubekela kwelezintaba kwa-Efrayimi, aze afinyelela endlini kaMikha.


Kusihlwa kwaqhamuka ikhehla livela emsebenzini walo ensimini. Lelo khehla lalidabuka kwelezintaba kwa-Efrayimi, kodwa lase ligogobele eGibheya. Abantu bakule ndawo kwakungabakwaBhenjamini.


Kepha isancinza safeba, samshiya, sabuyela endlini kayise eBhethlehema kwaJuda, sahlala lapho izinyanga ezine.


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli, bonke abantu babenza lokho ababekubona kukuhle emehlweni abo.


Kwathi ukuba afike lapho, washaya icilongo ekwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli behla naye kwelezintaba, ebahola.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka