Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 21:2 - IsiZulu 2020

Abantu bafika eBhethele, bahlala lapho phambi kukaNkulunkulu kwaze kwaba kusihlwa, badazuluka, bakhala kalusizi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abantu base befika eBethele, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu, baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abantu base befika endlini kaNkulunkulu, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu; baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 21:2
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Esawu wathi kuyise: “Baba, ubunesibusiso esisodwa na? Ngibusise nami baba!” Wadazuluka wakhala.


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


Ngesikhathi ingelosi kaSimakade ikhuluma lawo mazwi ku-Israyeli wonkana, abantu badazuluka, bakhala.


Abakwa-Israyeli baqhubeka, benyukela eBhethele, lapho babuza khona kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani phakathi kwethu ozokhuphuka kuqala ukuba alwe nabakwaBhenjamini na?” USimakade wathi: “NguJuda ozokhuphuka kuqala.”


Abakwa-Israyeli bakhuphuka, bayokhala phambi kukaSimakade kwaze kwaba kusihlwa; babuza kuSimakade, bathi: “Siphinde yini sisondele kubafowethu bakwaBhenjamini siyolwa nabo, na?” USimakade wathi: “Khuphukani, nilwe nabo.”


Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.


Bafumana phakathi kwezakhamuzi zaseJabheshi Gileyadi izintombi ezimsulwa ezingama-400 ezingayazi indoda, beza nazo enkanjini eShilo, eKhanani.


Bathi: “Simakade, Nkulunkulu ka-Israyeli, kwenzeke kanjani ukuthi namuhla kube khona isizwana esisodwa kwa-Israyeli esingekho, na?”


Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.


UDavide nabantu ababenaye badazuluka, bakhala, baze baphelelwa ngamandla okulila.