Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 18:1 - IsiZulu 2020

1 Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 18:1
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo abantu bakwa-Israyeli eGibhithe kuze kube namuhla. Bengihamba ngehla ngenyuka nani ngisethendeni nasethabanakelini.


UJerobhowamu wathi kumkakhe: “Ake usukume, uzifihle, ukuze ungabonakali ukuthi ungumkami; hamba uye eShilo; lapho kunomphrofethi u-Ahiya owangitshela ukuthi ngizokuba yinkosi phezu kwalaba bantu.


UmkaJerobhowamu wenza kanjalo. Wasuka waya eShilo, waze wayofika endlini ka-Ahiya. U-Ahiya akabonanga ngoba amehlo akhe ayesefiphazekile, engasabonisisi kahle, ngokuba wayesemdala.


USolomoni wayesemxosha u-Abhiyathara, akabe esaba ngumphristi kaSimakade, ukuze afeze izwi likaSimakade alisho ngendlu ka-Eli eShilo.


Izizukulwane zabo zangena kulo, zahlala. Labo ababehlala kulelo lizwe, wabenza bakhonza kuzo. AmaKhanani namakhosi awo nabanye abantu ababehlala ezweni, wabanikela kuzo ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo.


Walilahla ithabanakeli eliseShilo, ithende ayelimise phakathi kwabantu bakhe.


Izitha zayo yazichithela emuva, yazithela ngehlazo elingunaphakade.


ngiyakuyenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiwenze ube yisiqalekiso, kuzo zonke izizwe zomhlaba.’ ”


Uphrofetheleni egameni likaSimakade, uthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuba yincithakalo kungabe kusaba bikho ohlala kuwo na?’ ” Bonke abantu babuthana kuJeremiya endlini kaSimakade.


kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.


izwe linqotshwe phambi kukaSimakade, khona niyobuyela emuva, ningenacala kuSimakade naku-Israyeli. Leli lizwe liyoba yifa lenu phambi kukaSimakade.


Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide,


Kwakusasele izizwe eziyisikhombisa phakathi kuka-Israyeli ezazingakasitholi isabelo sazo.


Amadoda eyesengena indlela; uJoshuwa wabayala labo ababezoloba bachaze ngezwe, wathi: “Hambani kulo lonke izwe nilobe nichaze ngomumo wezwe, bese nibuya nize kimi; ngizonenzela unkatho phambi kukaSimakade eShilo.”


Yilawo-ke amafa abiwa ngonkatho ngu-Eleyazare, umphristi, uJoshuwa, indodana kaNuni nezinhloko zoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli eShilo, phambi kukaSimakade, emnyango wethende lokuhlangana. Ngakho-ke baqeda ukwehlukanisa izwe.


zakhuluma kubo eShilo eKhanani, zathi: “USimakade wayala ngoMose ukuba sinikwe imizi esizohlala kuyo namadlelo emfuyo yethu.”


Kuthe ukuba abakwa-Israyeli bakuzwe lokho, yonke inhlangano yabakwa-Israyeli yabuthana eShilo ukuze balwe nabo.


Kepha uma izwe lenu lingcolile, welelani ezweni eliyifa likaSimakade, lapho kukhona ithabanakeli likaSimakade, nibe nefa phakathi kwethu; ningamhlubuki uSimakade uNkulunkulu wethu, futhi ningasihlubuki nathi ngokuzakhela i-althare, kunalelo likaSimakade uNkulunkulu wethu.


Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.


Bazimisela isithombe esibaziweyo esasenziwe nguMikha, ngaso sonke isikhathi indlu kaNkunkulu iseseShilo.


Bafumana phakathi kwezakhamuzi zaseJabheshi Gileyadi izintombi ezimsulwa ezingama-400 ezingayazi indoda, beza nazo enkanjini eShilo, eKhanani.


Ngakho-ke bathi: “Niyabona-ke, kuzoba nomkhosi kaSimakade waminyaka yonke eShilo, elisenyakatho yeBhethele, ngasempumalanga yomgwaqo okhuphuka eBhethele uya eShekhemu, eningizimu yeLebhona.”


Eseyilumulile, wenyuka nayo, nezinkunzi ezintathu, i-efa lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaSimakade eShilo; umntwana wayesemncane.


Lowo muntu wayesuka emzini wakhe minyaka yonke akhuphukele ukuyokhonza nokuhlabela uSimakade Wamabandla eShilo. Bheka, lapho eShilo kwakuhlala amadodana amabili omphristi u-Eli, uHofini noFinehasi, nawo engabaphristi bakaSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka