Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”
AbAhluleli 19:16 - IsiZulu 2020 Kusihlwa kwaqhamuka ikhehla livela emsebenzini walo ensimini. Lelo khehla lalidabuka kwelezintaba kwa-Efrayimi, kodwa lase ligogobele eGibheya. Abantu bakule ndawo kwakungabakwaBhenjamini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo ensimini kusihlwa; lalingumuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, lagogobala eGibeya; kepha abantu baleyo ndawo babe ngabakwaBenjamini. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo kusihlwa livela ensimini, nalo livela ezintabeni zakwa-Efrayimi; wagogobala eGibeya, kepha abantu baleyo ndawo babengabakwaBenjamini. |
Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”
Kube sekuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasemshikashikeni wakhe, kuze kuhlwe.
Ingcebo etholakala kalula iyancipha, kepha eqongelelwa kancane, kancane, iyanda.
Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini yakho, emveni kwalokho yakha indlu yakho.
Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.
Kumnandi ukulala kosebenzayo, noma ngabe udle kakhulu, noma udle kancane, kodwa ubuningi bengcebo buyamqwashisa ocebileyo.
Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.
Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo.
Ngokuba nangesikhathi sisenani, saniyala ngalokhu, sathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”
Ngalezo zinsuku, kwakungekho nkosi kwa-Israyeli. Kwasuka umLevi othile owayegogobele endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBhethlehema kwaJuda.
Base bedlula, baqhubeka nohambo lwabo, ilanga labashonela beseduze neGibheya kwaBhenjamini.
Baphambuka ukuba bangene, balale eGibheya. Wangena wayohlala esigcawini somuzi, kodwa abangeniswanga muntu ukuba balale.
Lapho leli khehla liphakamisa amehlo, labona isihambi sihleli esigcawini somuzi, lathi: “Uyaphi, futhi uvelaphi, na?”