AbAhluleli 18:4 - IsiZulu 2020 Yathi kuwo: “UMikha ungenzele lokhu nalokhu, wangiqasha, futhi sengaba ngumphristi wakhe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi kubo: “UMika ungenzele ukuthi nokuthi; ungiqashile ngaba ngumpristi wakhe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kubo: “Wenze njalo uMika kimi, wangiqasha, ngase ngingumpristi wakhe. |
Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi; abelusi nabo bonke ngothi lwabo abanakuqonda, baphendukele bonke ezindleleni zabo; yilowo nalowo enzuzweni yakhe.
Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”
“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.
ongesiyo inkolotshe yewayini, ongesiso isidlova, kodwa omnene, ongenalo uchuku, ongayikhonzile imali,
okufanele bavalwe umlomo bathuliswe, abadunga wonke umndeni, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.
futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.
UMikha wayesethi kuyo: “Hlala nami, ube ngubaba nomphristi wami, ngizokunika izinhlamvu zesiliva ezilishumi ngonyaka, nesembatho, nokudla.” UmLevi wahlala.
UMikha wambeka umLevi, leyo nsizwa yaba ngumphristi wakhe, yahlala emzini kaMikha.
Esesendlini kaMikha ezwa izwi elijwayelekile lensizwa engumLevi, ayesephambukela kuyo, ayibuza athi: “Ngubani okulethe lapha? Wenzani kule ndawo? Ufunani lapha?”
Athi kuyo: “Ake usibuzele kuNkulunkulu ukuthi uhambo esiluthathile luzoba yimpumelelo yini, na?”