Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 18:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wathi kubo: “UMika ungenzele ukuthi nokuthi; ungiqashile ngaba ngumpristi wakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Yathi kuwo: “UMikha ungenzele lokhu nalokhu, wangiqasha, futhi sengaba ngumphristi wakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wathi kubo: “Wenze njalo uMika kimi, wangiqasha, ngase ngingumpristi wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 18:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukukhetha ubuso akukuhle; ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.


Yebo, bayizinja ezihahayo, abakwazi ukusutha; yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda, baphendukela bonke ezindleleni zabo, kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye.


nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali* nangezingcezu zesinkwa ngokubulala imiphefumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?


“Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize e-altare lami! Angithokozi ngani,” usho uJehova Sebawoti, “angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.


Angifisanga siliva lamuntu, nagolide, nangubo;


ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,


abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.


UMika wayesethi kuye: “Hlala kimi, ube ngubaba nompristi wami, ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka, nesambatho, nokudla kwakho.” UmLevi wangena.


UMika wayesahlukanisela umLevi, leyo nsizwa yaba ngumpristi wakhe, yahlala endlini kaMika.


Lapha besengasendlini kaMika, balazi izwi lensizwa engumLevi, baphambukela khona, bathi kuye: “Walethwa ngubani lapha? Wenzani kule ndawo? Ufunani lapha?”


Base bethi kuye: “Ake umbuze uNkulunkulu ukuze sazi uma indlela yethu esiyihambayo iyakuba nempumelelo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka