Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 18:2 - IsiZulu 2020

Abozalo lukaDani bathumela amaqhawe amahlanu emele yonke imindeni yabo, kusukela eZora nase-Eshithawoli, ukuba ayohlola izwe, bathi kuwo: “Hambani nihlole izwe.” Lapho efika kwelezintaba kwa-Efrayimi, endlini kaMikha, ahlala lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abantwana bakwaDani bathuma abantu abayisihlanu bomndeni wabo, bephuma kuso sonke isizwe sabo, amaqhawe, beseSora nase-Eshitawoli, ukuba bahlole izwe, balicinge; bathi kubo: “Hambani, nilicinge izwe,” bafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika, bahlala khona.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abantwana bakwaDani bathuma emindenini yabo amadoda ayisihlanu, amadoda anamandla, evela eSora nase-Eshitawoli, ukuba ahlole izwe, alihlole; bathi kubo: “Hambani nihlole izwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 18:2
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJosefa wawakhumbula amaphupho ayewaphuphile. Wayesethi kubo: “Niyizinhloli, nize ukuzohlola ukuthi leli lizwe lintenga ngakuphi.”


Amacebo wonke aqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu aphusile.


Lapho uMose ebathuma ukuyohlola iKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,


“Noma iyiphi inkosi eya kwenye inkosi iyoyihlasela, ingaqalanga ngokuhlala phansi, icabangisise ukuthi iyokwazi yini ukubhekana nayo njengoba yona inezi-10 000 leyo eya kuyo inezi-20 000 na?


Emathafeni: i-Eshithawoli, iZora, i-Ashina,


Indawo eyayiyifa laso kwakuyiZora, i-Eshithawoli, i-Iri Shemeshi,


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


Inkosi yaseJerikho yabikelwa ukuthi: “Abanye bakwa-Israyeli bafikile kusihlwa ukuzohlola izwe.”


Kwakukhona indoda ethile eZora, yomndeni wakwaDani, igama layo kunguManowa. Umkayo wayeyinyumba, engenabantwana.


UMoya kaSimakade waqala ukumsebenzisa ngesikhathi eseMahane Dani, phakathi kweZora ne-Eshithawoli.


Kwase kwehla abafowabo, nabo bonke abendlu kayise, bamthatha, bakhuphuka naye, bamngcwaba phakathi kweZora ne-Eshithawoli, ethuneni likaManowa, uyise. Wayehlulele u-Israyeli iminyaka engama-20.


Kwakukhona umuntu kwelezintaba kwa-Efrayimi ogama lakhe kunguMikha.


Kwaphuma amadoda angama-600 esizwana sakwaDani, eZora nase-Eshithawoli, ehlome ngezikhali zokulwa.


Asuka lapho, aqhubekela kwelezintaba kwa-Efrayimi, aze afinyelela endlini kaMikha.


Esesendlini kaMikha ezwa izwi elijwayelekile lensizwa engumLevi, ayesephambukela kuyo, ayibuza athi: “Ngubani okulethe lapha? Wenzani kule ndawo? Ufunani lapha?”


Lapho esefika kwabakubo eZora nase-Eshithawoli, bathi kuwo: “Mbiko muni enisiphathele wona, na?”


Ngalezo zinsuku, kwakungekho nkosi kwa-Israyeli. Kwasuka umLevi othile owayegogobele endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBhethlehema kwaJuda.


Indoda yaphendula yathi: “Siyedlula, sivela eBhethlehema kwaJuda, siya endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, lapho ngingowakhona. Bengiye eBhethlehema kwaJuda, manje sengibuyela endlini kaSimakade. Akukho muntu ongingenisile kwakhe.