AbAhluleli 17:6 - IsiZulu 2020 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo muntu wayenza lokho ayekubona kulungile emehlweni akhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli, kodwa yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe. |
Labo abathi: “Thina sigabe ngolimi lwethu. Sisho umathanda ngalo. Pho iphi le nkosi ethi ingasiphatha na?”
Indlela yesiwula ibukeka ilungile emehlweni aso, kepha lowo olalela iseluleko uhlakaniphile.
Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.
Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhloso.
Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.
“Aniyukuzenza zonke izinto esizenza lapha namuhla, njengoba yilowo nalowo enza akubona kulungile emehlweni akhe,
USimakade waba yinkosi eJeshuruni, ngesikhathi izinhloko zabantu ziqoqana ndawonye, nezizwana zakwa-Israyeli zabuthanela ndawonye.
Ngalezo zinsuku kwakungenankosi kwa-Israyeli. Ngaleyo mihla futhi isizwana sakwaDani sazifunela enye indawo yokuhlala, ngokuba kuze kube yileso sikhathi sasingabelwanga indawo phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli.
Ngalezo zinsuku, kwakungekho nkosi kwa-Israyeli. Kwasuka umLevi othile owayegogobele endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBhethlehema kwaJuda.
Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli, bonke abantu babenza lokho ababekubona kukuhle emehlweni abo.
Bathi: “Simakade, Nkulunkulu ka-Israyeli, kwenzeke kanjani ukuthi namuhla kube khona isizwana esisodwa kwa-Israyeli esingekho, na?”