Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 17:5 - IsiZulu 2020

5 Leyo ndoda enguMikha yayinendlu enonkulunkulu, yenza ingubo yamahlombe netherafimi, yabeka enye yamadodana ayo ukuba ibe ngumphristi wayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Lowo muntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu, wenza ingubo yamahlombe namatherafi,* wahlukanisela enye indodana yakhe ibe ngumpristi wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Umuntu uMika wayenendlu yawonkulunkulu, wenza indwangu yamahlombe nezithixo zendlu, wangcwelisa enye yamadodana ayo ukuba abe ngumpristi wayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 17:5
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULabani wayengekho eyogunda izimvu zakhe, uRaheli wantshontsha onkulunkulu bakayise.


Noma ngabe weqe ngoba usukhumbule ekhaya kini, pho kungani untshontshe onkulunkulu bami na?”


Wakha izindlu ezindaweni eziphakemeyo, wabeka abaphristi ngangokomumo wabantu noma babengesiwo amadodana kaLevi.


UJerobhowamu wamisa umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili, ngosuku lwe-15, wagubha umkhosi njengalokhu kwakwenza abakwaJuda, wanikela e-althare, wenza nakanjalo eBhethele ukuba ahlabele amathole ayewenzile. Wabeka eBhethele abaphristi ezindaweni eziphakemeyo ayezenzile.


Inkosi uKhoresi yazikhipha yona mathupha izitsha zasendlini kaSimakade ezazithathwe nguNebukhadinezari eJerusalema, wazibeka ethempelini lonkulunkulu bakhe.


Wathuma izinsizwa zakwa-Israyeli zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uSimakade amaduna ukuba abe yimihlatshelo yokuthula.


“Uyokwenza isivikelo sesifuba sokwehlulela, ngobungcweti, uyakusenza ngendlela okwenziwe ngayo ingubo yamahlombe, sibe yigolide, okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nokwelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo.


Yilezi izingubo abayozithunga: isivikelo sesifuba, ingubo yamahlombe, ingubo, ibhantshi elihlotshisiweyo, umshuqulo, nombhunkulo. Lapho bethungela u-Aroni namadodana akhe lezi zingubo ezingcwele ukuze bangikhonze bengabaphristi,


Uyobopha u-Aroni namadodana akhe ngemibhunkulo okhalo lwabo, ubathwese nezigqoko, ubuphristi buyakuba ngobabo ngokwesimiso saphakade. Uyakumbeka kanjalo u-Aroni namadodana akhe.


Umbazi welula intambo yokukala, adwebe umuthi ngokubomvu, awugwede ngezingwedo, awuklame ngensimbi yokudweba isiyingi, awenze ngomfanekiso womuntu, ube nobuhle bomuntu; ukuba uhlale endlini.


Ngokuba inkosi yaseBhabhele isimi egumbini lezindlela, engosini yezindlela zombili, ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi, ihlola esibindini.


isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Khumula umshuqulu, wethule umqhele wakho, akusezukufana nakuqala. Phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”


Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”


Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kodwa uyabizwa nguNkulunkulu njengalokhu kwaba njalo naku-Aroni.


Walibuyisela isiliva kunina, unina wathatha izinhlamvu zesiliva ezingama-200, wazinika umkhandisiliva, owenza ngazo isithombe esibaziweyo, nesibunjiweyo, sabekwa endlini kaMikha.


Amadoda ayisihlanu ayekade ezohlola iLayishi athi kubafowabo: “Niyazi nje ukuthi kulezi zindlu kukhona ingubo yamahlombe, netherafimi nesithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, na? Cabangisisani ukuthi nizokwenzenjani.”


Wathi: “Nithathe onkulunkulu bami engazenzela bona, nomphristi, nahamba, ngisele nani-ke mina? Pho ningibuzelani ukuthi: ‘Kwenzenjani, na?’ ”


AbakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo. UJonathani, indodana kaGerishomi, indodana kaManase namadodana akhe, babengabaphristi besizwana sakwaDani, kwaze kwaba lusuku izwe elathunjwa ngalo.


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe, wayibeka emzini wakhe e-Ofira, bonke abakwa-Israyeli baphinga nayo lapho, yaba wugibe kuGideyoni nabomndeni wakhe.


UMikhali wathatha itherafimi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa ngezingubo.


Ngesikhathi u-Abhiyathara, indodana ka-Ahimelekhi, ebaleka eya kuDavide eKheyila, wehla ephethe ingubo yamahlombe ngesandla sakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka