Ngakho-ke akunina enangithuma lapha, kodwa nguNkulunkulu ongenze uyise kaFaro, nombusi ophethe endlini yakhe, naphezu kwezwe lonke iGibhithe.
AbAhluleli 17:10 - IsiZulu 2020 UMikha wayesethi kuyo: “Hlala nami, ube ngubaba nomphristi wami, ngizokunika izinhlamvu zesiliva ezilishumi ngonyaka, nesembatho, nokudla.” UmLevi wahlala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMika wayesethi kuye: “Hlala kimi, ube ngubaba nompristi wami, ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka, nesambatho, nokudla kwakho.” UmLevi wangena. Contemporary Zulu Bible 2024 UMika wayesethi kuye: “Hlala nami, ube ngubaba nompristi wami, ngikunike amashekeli ayishumi esiliva ngomnyaka, nengubo nokudla kwakho. Ngakho umLevi wangena. |
Ngakho-ke akunina enangithuma lapha, kodwa nguNkulunkulu ongenze uyise kaFaro, nombusi ophethe endlini yakhe, naphezu kwezwe lonke iGibhithe.
U-Elisha wagula ngesifo esagcina simthathile. UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wehla waya kuye, wakhala kakhulu, wathi: “Baba, Baba, inqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”
U-Elisha wakubona lokho, wamemeza, wathi: “Baba, baba, inqola yempi ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabange esambona futhi; wabamba izingubo zakhe waziklebhula kabili.
Inkosi yakwa-Israyeli isibabonile, yathi ku-Elisha: “Baba, ngibabulale yini? Ngibabulale na?”
ngimembathise ingubo yakho, ngimqinise ngebhande; ngiyakumnika esandleni amandla akho, abe nguyise wabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.
Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”
wathi: “Niyakunginika ini, uma ngimkhaphela kini na?” Base bemkalela, bamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-30.
Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso.
ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
yelusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, ningawuphathi ngokungathi niphoqiwe, kodwa ngokuthanda, njengalokhu uNkulunkulu enza, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo, kodwa kube ngenhliziyo eshisekelayo.
UmLevi wavuma ukuhlala nalowo muntu, leyo nsizwa yaba kuye njengenye yamadodana akhe.
UMikha wathi kuyo: “Uvelaphi, na?” Yaphendula yathi: “NgingumLevi waseBhethlehema kwaJuda, ngihamba ngicinga lapho ngingathola khona indawo.”
Yathi kuwo: “UMikha ungenzele lokhu nalokhu, wangiqasha, futhi sengaba ngumphristi wakhe.”
Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho, bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva nangeqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zomphristi ukuze ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”