UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli; wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini ngosuku likhithikile.
AbAhluleli 14:5 - IsiZulu 2020 USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna. Lapho befika esivinini eThimna, kwaqhamuka masinyane ibhongo lengonyama, leza kuye libhodla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lamhlangabeza libhodla. Contemporary Zulu Bible 2024 USamsoni noyise nonina baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lambhongela. |
UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli; wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini ngosuku likhithikile.
UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli, wabulala amaqhawe amabili, u-Ariyeli wakwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini, ngosuku kukhithike iqhwa.
Amabhongo ezingonyama alibhozomela, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhona iyincithakalo, akukho muntu owakhe kuyo.
okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,
bese uzungeza ngasentshonalanga eBhahala uye entabeni iSeyiri, wedlule ngasenyakatho yomthambeka wentaba iJeharimi okuyiKhesaloni, wehlele eBheth Shemeshi, wedlulele eThimina;
Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.
Uyise nonina babengazi ukuthi lokhu kuvela kuSimakade, ngokuba wayefuna ithuba lokuthi alwe namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.
UMoya kaSimakade wehlela kuye ngamandla, walidwengula ngezandla zakhe kwangathi udwengula izinyane lembuzi. Wayengaphethe lutho esandleni sakhe, kodwa akabatshelanga oyise nonina lokho ayekwenzile.
Ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayihlenga imvu emlonyeni wakho. Kuthe lapho kungivukela ngakubamba ngedevu ngakushaya phansi, ngakubulala.