Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 5:8 - IsiZulu 2020

8 Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 5:8
61 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Esteri wathi: “Umuntu omelene nathi, isitha, yilo Hamani okhohlakeleyo.” Kwaphela nasozwaneni wuvalo kuHamani, phambi kwenkosi nendlovukazi.


USimakade wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ekuzulazuleni emhlabeni ngehla ngenyuka kuwo.”


Amabhongo amabhubesi agwavumele inyamazane, efuna ukudla kwawo kuNkulunkulu.


Beka isikhohlakali phezu kwakhe, makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.


Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.


Umbusi okhohlakele obusa abampofu, unjengengonyama ebhodlayo nebhele elihahayo.


Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi.


Amabhongo ezingonyama alibhozomela, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhona iyincithakalo, akukho muntu owakhe kuyo.


Khona abantu babhonga kanyekanye njengezingonyama, babhodle njengamabhongo ezingonyama.


Labhidliza izinqaba zabo, labhubhisa imizi yabo; izwe laba yincithakalo, nakho konke okukulo, kwathuthumela ngenxa yokubhonga kwalo.


“Kukhona uzungu lwabaphrofethi bawo abakuwo, olunjengengonyama ebhongayo edwengula impango. Badle abantu, bathatha ingcebo nokuyigugu, benza baba baningi abafokazi abakuwo.


Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.


Bayakulandela uSimakade oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, qede kubuye abantwana bakhe bethuthumela, bevela entshonalanga.


Ngiyakubathelekela njengebhele eliphucwe amazinyane alo, ngibadabule isifuba esivikele inhliziyo yabo, ngibashwabadele lapho njengebhubesi, isilwane sasendle sibanephunephule.


“USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.


Wathi: “USimakade uyabhonga eZiyoni, azwakalise izwi lakhe eJerusalema. Amadlelo abelusi ayagagadeka, nesicongo seKharmeli siyabuna.”


Ibhubesi lingabhodla yini ehlathini uma lingabambe nyamazane na? Ibhongo lengonyama lingagwavuma yini uma lingabambe lutho na?


Ingonyama ibhongile, pho ngubani ongayukwesaba na? INkosi uSimakade ikhulumile, pho ngubani ongayukuphrofetha na?


Ngumsindo wokukhala kwabelusi! Phela udumo lwabo seluphelile. Ngumsindo wokubhonga kwamabhongo ezingonyama! Ngokuba ihlathi eJordani selicekelwe phansi.


Wayesengikhombisa uJoshuwa umphristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaSimakade, noSathane wayemi ngakwesokunene sakhe emmangalela.


Kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwesikhathi, abavuni yizingelosi.


“Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


UJesu wayeseholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.


USathane wayesesuka kuye; kwafika izingelosi zamkhonza.


Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo.


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


“Simoni, Simoni, lalela la; uSathane unicelile ukuba anihlunge njengokolweni.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


ukuze singehlulwa nguSathane, ngokuba asisibo abangawazi amaqhinga akhe.


Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.


Kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni, othandweni, nasebungcweleni, futhi bezithoba.


Kanjalo-ke nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bahlobe ngokuhlakanipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezelukiweyo, ngegolide, ngamapharele noma ngezembatho ezibizayo.


Ngokunjalo nabesifazane mababe ngabahloniphekileyo, abangahlebi, abazithibayo, futhi abathembekile ezintweni zonke.


Ngakho-ke kufanele ukuba umphathi abe ngumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, ozithibayo, ohloniphekileyo, opha izihambi, onobuciko bokufundisa,


Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Kepha makabe ngophanayo kuzo izihambi, othanda okuhle, onengqondo, oqotho, ongcwele, ozithibayo,


uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, ngokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,


ethi: amadoda amadala mawabe ngazithibayo, ahloniphekile, anengqondo, aphilile ekukholweni, othandweni nasekubekezeleni.


ukuze bagqugquzele abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, nabantwana babo,


Kanjalo bayale nabesilisa abasebasha ukuba babe ngabanengqondo.


Ngakho-ke thobelani uNkulunkulu, nimelane noSathane, khona eyakunibalekela.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini lithi: “Manje isifikile insindiso, namandla, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu, negunya likaKhristu wakhe, ngokuba usephonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu, obamangalela phambi kukaNkulunkulu imini nobusuku.


Ngakho-ke jabulani nina mazulu nalabo abahlala kuwo. Maye, kuwe mhlaba, nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi kahle ukuthi isikhathi sifushane!”


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna. Lapho befika esivinini eThimna, kwaqhamuka masinyane ibhongo lengonyama, leza kuye libhodla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka