ngosuku olwaluqokelwe ukuba abaJuda ababehlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, zili-13 ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari.
AbAhluleli 1:6 - IsiZulu 2020 U-Adoni Bhezekhi wabaleka, kodwa bamhubha, bambamba, bamnquma izithupha noqukula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha u-Adoni Bezeki wabaleka; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha nawoqukula. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha u-Adoni-bezeki wabaleka; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha namazwane akhe. |
ngosuku olwaluqokelwe ukuba abaJuda ababehlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, zili-13 ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari.
Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe, kodwa zihlakaze ngamandla akho, uziqumbe phansi, Nkosi, sihlangu sethu.
USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho phezu kolwandle, ukuze amanzi abuyele phezu kwabaseGibhithe, naphezu kwezinqola zabo zempi, naphezu kwabagibele amahhashi.”
Uyoyihlaba inqama, bese uthatha ingxenye yegazi layo uninde indlebe ka-Aroni yakwesokunene, izindlebe zakwesokunene zamadodana akhe, izithupha zakwesokunene zezandla zabo, noqukula babo bezinyawo zakwesokunene, bese igazi ulifafaza nxazonke ze-althare.
“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.
Khuzani iziqubulo zempi nxazonke; lize liphakamise izandla lithi: maluju! Imibhoshongo yalo iyakuwa, izingange zalo ziyakudilizwa, ngokuba lokho kuyimpindiselo kaSimakade; phindiselani kulo, njengokuba lenzile, yenzani kanjalo kulo.
UKhalebhu wathi: “Oyonqoba iKiriyathi Seferi, alidle, ngiyomganisela indodakazi yami, u-Akhisa, ibe ngumkakhe.”
Bazithela phezu kuka-Adoni Bhezekhi, eBhezekhi, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi.
U-Adoni Bhezekhi, wathi: “Amakhosi angama-70 anqunywe izithupha noqukula ayevame ukucosha imvuthuluka ewa etafuleni lami, njengoba ngenzile, ngalokho uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamletha eJerusalema, wafela khona.