Esefikile enkosini, inkosi yathi kuye: “Mikhaya, sihambe yini ukuyolwa neRamothi Gileyadi, noma siliyeke na?” Wathi kuyo: “Yenyuka, ube nempumelelo. USimakade uyakulinikela esandleni senkosi.”
AbAhluleli 1:4 - IsiZulu 2020 UJuda wenyuka. USimakade wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sakhe; babulala abantu abayizi-10 000 eBhezekhi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJuda wakhuphuka; uJehova wanikela esandleni sabo amaKhanani namaPherizi, babulala kuwo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki. Contemporary Zulu Bible 2024 Wakhuphuka uJuda; uJehova wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sabo, babulala kubo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki. |
Esefikile enkosini, inkosi yathi kuye: “Mikhaya, sihambe yini ukuyolwa neRamothi Gileyadi, noma siliyeke na?” Wathi kuyo: “Yenyuka, ube nempumelelo. USimakade uyakulinikela esandleni senkosi.”
Inkosi yakwa-Israyeli yayisiqoqa abaphrofethi abathi ababe ngama-400, yathi kubo: “Ngihambe yini ngiyokulwa neRamothi Gileyadi, noma ngiliyeke na?” Bathi: “Yenyuka, ngokuba uSimakade uyakulinikela esandleni senkosi.”
Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula.
Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo.
nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.
“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.
UJuda wathi kumfowabo uSimeyoni: “Yenyuka nami siye ezweni engilabelwe ukuze silwe namaKhanani, nami ngizohamba nawe ngiye ezweni owabelwe lona.” USimeyoni wayesehamba naye.
Bazithela phezu kuka-Adoni Bhezekhi, eBhezekhi, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi.
UJeftha wayesedlulela kubantu bakwa-Amoni ukuba alwe nabo; uSimakade wabanikela esandleni sakhe.
Ngakho-ke abantu bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi,
Wabahlela eBhezeki; abakwa-Israyeli babeyizi-300 000; abakwaJuda beyizi-30 000.
Kepha uma bethi: ‘Yenyukelani kithi,’ siyakwenyuka, ngokuba uSimakade uyakubanikela esandleni sethu; lokho kuyakuba yisibonakaliso kithi.”
UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”