Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 7:2 - IsiZulu 2020

2 nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho, uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho; kumelwe ubahlule futhi ubashaye ngesiqalekiso; Ungenzi isivumelwano nabo futhi ungabahawukeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 7:2
45 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onikele ezandleni zakho izitha zakho.” U-Abhrama wayesenikela kuMelkhizedeki ngokweshumi kwakho konke.


Inkosi yayisibiza abaseGibheyoni yakhuluma nabo. AbaseGibheyoni babengesibo abantu bakwa-Israyeli, babeyinsali yama-Amori. Nokho abakwa-Israyeli babenze isifungo kubo, kodwa uSawule wayefuna ukubabulala ngenxa yentshisekelo yakhe ngabakwa-Israyeli nabakwaJuda.


UBheni Hadadi wathi kuye: “Imizi eyadliwa ngubaba kuyihlo ngizoyibuyisa, uyakuzenzela imigwaqo eDamaseku njengalokhu ubaba enza eSamariya.” U-Ahabi wathi: “Ngenxa yalesi sivumelwano ngizokuvumela ukuba uhambe.” Base benza isivumelwano, wayesemvumela ukuba ahambe.


Manje-ke masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokubalahla bonke laba besifazane nezingane zabo, ngokwesiluleko senkosi yami nalabo abayesabayo imithetho kaNkulunkulu wethu; makwenziwe njengokumisiweyo emthethweni.


Abazibhubhisanga izizwe njengalokhu uSimakade ayebayalile,


“Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, angenzeli uSimakade yena yedwa, uyobhujiswa.


U-Israyeli wenza isifungo kuSimakade, wathi: “Uma ubanikela nokubanikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuyichitha impela imizi yabo.”


Ngalokho, babulaleni manje bonke abafana, nabo bonke abesifazane asebeyazi indoda.


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nibhubhise yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.


aniyukumvumela, aniyukumlalela; iso lakho aliyukumdabukela, aniyukumyeka, futhi aniyukumfihla,


kepha niyombulala impela. Nguwena oyogalela kuqala bese kulandela bonke abantu lapho ebulawa.


Iso lakho aliyukumhawukela, kepha uyolisusa igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.”


USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela kithi, samnqoba, yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.


Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sayibhubhisa yonke imizi eyayinamadoda nabesifazane nezingane, sayiqeda nya; kwangasala muntu.


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyahamba ehla enyuka phakathi kwenkambu ukukuhlenga, futhi izitha zakho uzinikele kuwe. Ngalokho-ke inkambu yakho liyokuba ngcwele ukuze angaboni into engcolileyo phakathi kwenu, bese ekufulathela.”


uyosinquma isandla sakhe, ungakhombisi sihe kuye.”


“USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi, inkosi yaseBhashani nabantu bakhe bonke; sabacekela phansi ngenkemba, akwaze kwasala muntu.


USimakade uyozinikela kini, nenze kuzo ngokwemiyalo yonke enginiyale ngayo.


UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.


UJoshuwa wadla iMakheda ngalolo lusuku, walichitha ngenkemba nenkosi yalo, waqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


USimakade wayinikela nayo nenkosi yayo esandleni sabakwa-Israyeli, wayichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekuyo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


USimakade wayinikela iLakhishi esandleni sabakwa-Israyeli, balidla ngosuku lwesibili, balichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekulo njengoba babenzile eLibhina.


UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.


Amadoda athi kuye: “Singanifela nokunifela. Uma ningaludaluli lolu daba lwethu, siyakuniphatha ngomusa nangokwethembeka lapho uSimakade esesinika izwe.”


USimakade wayesebapha ukuthula nhlangothi zonke njengalokhu ayefungile kokhokho babo; akukho nasinye ezitheni zabo esama phambi kwabo, ngokuba uSimakade wayezinikele zonke izitha zabo ezandleni zabo.


U-Israyeli eseqedile ukubulala zonke izakhamuzi zase-Ayi ehlane elalivulekile lapho babebaxoshele khona, nalapho bonke ngothi lwabo sebebulewe ngenkemba, bonke abakwa-Israyeli baphindela e-Ayi, balihlasela balibhubhisa ngenkemba.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Lokho kwenziwe ngukuthi izinceku zakho zezwa ngokweqiniso ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wayiyala inceku yakhe uMose ukuba ininike izwe, nokuba ibhubhise zonke izakhamuzi zezwe eziphambi kwenu. Besinovalo olukhulu lokuthi nizosibulala, yingakho senze le nto.


Kepha abakwa-Israyeli bathi kumaHivi: “Mhlawumbe nje nihlala phakathi kwethu; singasenza kanjani-ke isivumelwano nani, na?”


Lapho izinhloli zibona indoda eyayiphuma emzini, zathi kuyo: “Sikhombise indlela yokungena emzini, sizokuphatha kahle.”


UJuda wenyuka. USimakade wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sakhe; babulala abantu abayizi-10 000 eBhezekhi.


Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka