Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiBhethele, kodwa ekuqaleni igama lalowo muzi lalaziwa ngokuthi yiLuzi.
AbAhluleli 1:23 - IsiZulu 2020 Bathumela izinhloli eBhethele elalikade laziwa ngokuthi yiLuzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala. Contemporary Zulu Bible 2024 Indlu kaJosefa yathumela ukuhlola iBethele. (Manje igama lomuzi laliyiLuze.) |
Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiBhethele, kodwa ekuqaleni igama lalowo muzi lalaziwa ngokuthi yiLuzi.
UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi ngiseLuzi eKhanani, wangibusisa,
Isabelo sabozalo lukaJosefa sasisuka eJordani ngaseJerikho empumalanga yamanzi eJerikho, kuya ehlane, sikhuphuke kusuka eJerikho kuye kwelezintaba kuze kufike eBhethele,
bese sisuka eBhethele kuya eLuzi, sidabule ngase-Atharothi, isifunda sama-Arikithe;
Kusuka lapho umngcele wedlula ngaseningizimu ngendlela eya eLuze, eceleni kweLuze eliyiBhethele, wehlele e-Atharothi Adari entabeni esezansi ngaseningizimu yeBhethi Horoni.
UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.
UJoshuwa wathumela amadoda esuka eJerikho eya e-Ayi, umuzi owawuseduzane neBhethi Aveni ngasempumalanga yeBhethele, wathi kuwo: “Khuphukani niyohlola izwe.” Amadoda ahamba, awuhlola umuzi i-Ayi.
Abozalo lukaDani bathumela amaqhawe amahlanu emele yonke imindeni yabo, kusukela eZora nase-Eshithawoli, ukuba ayohlola izwe, bathi kuwo: “Hambani nihlole izwe.” Lapho efika kwelezintaba kwa-Efrayimi, endlini kaMikha, ahlala lapho.