Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 7:2 - IsiZulu 2020

2 UJoshuwa wathumela amadoda esuka eJerikho eya e-Ayi, umuzi owawuseduzane neBhethi Aveni ngasempumalanga yeBhethele, wathi kuwo: “Khuphukani niyohlola izwe.” Amadoda ahamba, awuhlola umuzi i-Ayi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya e-Ayi eliseceleni kweBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Amadoda akhuphuka ahlola i-Ayi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJoshuwa wayesethuma amadoda asuka eJeriko aya e-Ayi eseduze neBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Akhuphuka amadoda, abheka i-Ayi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 7:2
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wasuka lapho waya kwelezintaba empumalanga yeBhethele, wagxumeka ithende lakhe lapho. IBhethele yayingasentshonalanga, i-Ayi ingasempumalanga. Kulapho-ke akhela khona uSimakade i-althare, wakhuleka egameni likaSimakade.


Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiBhethele, kodwa ekuqaleni igama lalowo muzi lalaziwa ngokuthi yiLuzi.


Walibeka elinye eBhethele, elinye walibeka kwaDani.


Abozalo lukaBhenjamini, kusukela eGebha, bahlala eMikhimashi, e-Ayi, eBhethele nasemizaneni yalo,


Amacebo wonke aqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu aphusile.


Ngokucabanga okwephusile ungaphaka impi, nokunqoba kusebuningini babeluleki.


Liyeza i-Ayi, ledlula eMigroni; lethula impahla yalo eMikhimashi,


“Khihla isililo, Heshibhoni, ngokuba i-Ayi ibhujisiwe, khalani, madodakazi aseRabha, nibhince indwangu eyisaka; nilile, nigijime phakathi kwezingange, ngokuba inkosi yalo izothunjwa, nabaphristi balo nezikhulu zalo, kanyekanye.


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo,


inkosi yaseJerikho: iyodwa; inkosi yase-Ayi eliseduze kweBhethele: iyodwa;


Umngcele wabo ngasenyakatho wawusuka eJordani, wenyuke eceleni kweJerikho ngasenyakatho, ukhuphukele kwelezintaba entshonalanga, uze uyogcina ehlane iBhethi Aveni.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Akudingekile ukuba kungakhuphuka yonke impi; akuhambe amadoda ayizi-2 000 noma ayizi-3 000 awuhlasele umuzi i-Ayi. Ngokuba ingumuzi omncane, makungakhuphuki wonke umuntu, kodwa abayingcosana.”


AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni.


USimakade wamsindisa u-Israyeli ngalolo lusuku. Impi yalwa yaze yedlulela eBhethi Aveni.


Wabathumelela abaseBhethele, abaseRamothi eNegevu, abaseJathiri,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka