UZiba wathi enkosini: “Ngizokwenza njengakho konke inkosi yami, inkosi, eyale ngakho inceku yayo.” UMefibhoshethi uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.
2 Samuweli 9:12 - IsiZulu 2020 UMefibhoshethi wayenendodana encane, igama layo kunguMikha. Bonke ababehlala endlini kaZiba babeyizinceku zikaMefibhoshethi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMefibosheti wayenendodana encane egama layo linguMika. Bonke ababehlala endlini kaSiba babe yizinceku zikaMefibosheti. Contemporary Zulu Bible 2024 UMefibosheti wayenendodana encane igama layo linguMika. Bonke ababehlala endlini kaZiba babeyizinceku zikaMefibosheti. |
UZiba wathi enkosini: “Ngizokwenza njengakho konke inkosi yami, inkosi, eyale ngakho inceku yayo.” UMefibhoshethi uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.
UMefibhoshethi wayesehlala eJerusalema, edla njalo etafuleni lenkosi; wayenezinyawo ezikhubazekile.
UShaharayimi wazala abantwana kwaMowabi, esebahambisile omkakhe uHushimi noBhahara.
noMathaniya kaMikha, kaZabhidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBhakibhukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abhida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.