Ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi bayo wacamela kubo, ngakunika indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda. Uma lokho kukuncane bengiyakukwenezela ngokunye okuningi.
2 Samuweli 5:5 - IsiZulu 2020 Wabusa uJuda eHebhroni iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Wabusa u-Israyeli noJuda wonke iminyaka engama-33 eJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda. Contemporary Zulu Bible 2024 EHebroni wabusa phezu kukaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu phezu kuka-Israyeli wonke noJuda. |
Ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi bayo wacamela kubo, ngakunika indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda. Uma lokho kukuncane bengiyakukwenezela ngokunye okuningi.
Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebhroni endlini yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.
Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.”
Izinsuku uDavide abusa ngazo kwa-Israyeli zaziyiminyaka engama-40; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebhroni, kwathi engama-33 wabusa eJerusalema.
Wonke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebhroni. UDavide wenza nawo isivumelwano eHebhroni, phambi kukaSimakade. Amgcoba uDavide waba yinkosi kwa-Israyeli, njengokusho kwezwi likaSimakade ngomlomo kaSamuweli.
Wambusa u-Israyeli iminyaka engama-40; iminyaka eyisikhombisa wabusa eseHebhroni, engama-33 wayibusa eseJerusalema.
Wazalelwa ayisithupha eHebhroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engama-33.