U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wayesethi enkosini: “Le nja efileyo iyithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye kuyo ngiyinqume ikhanda.”
2 Samuweli 3:8 - IsiZulu 2020 Lawo mazwi ka-Ishi Bhoshethi amthukuthelisa kakhulu u-Abhineri, wayesethi: “Kanti mina ngiyikhanda lenja kuJuda yini na? Kuze kube namuhla, ngisalokhu ngikhombisa ukwethembeka kwabendlu kayihlo uSawule, kubafowabo nakubangani bakhe, angikaze ngikunikele esandleni sikaDavide. Manje usungibeka icala ngalo wesifazane! IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa, abafowabo nabangane bayo, angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abineri wathukuthela kakhulu ngamazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja yini elinomusa kuJuda namuhla endlini kaSawule uyihlo, nakubafowabo, nakubangane bakhe, kangikophulanga na? esandleni sikaDavide ukuthi ungimangalele namuhla ngesikweleti ngalo wesifazane na? |
U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wayesethi enkosini: “Le nja efileyo iyithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye kuyo ngiyinqume ikhanda.”
U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi,
Manje-ke yenzani lokho, ngokuba uSimakade ukhulumile kuDavide, wathi: ‘Ngenceku yami uDavide, ngiyobasindisa abantu bami, u-Israyeli, emandleni amaFilisti nakuzo zonke izitha zabo.’ ”
UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,
Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”
UMefibhoshethi wakhothama, wathi: “Ibe iyini nje inceku yakho ukuba ungaze uzikhathaze ngenja efileyo enjengami na?”
UHazayeli wathi: “Kodwa ibiyini inceku yakho, iyinja nje; ingakwenza kanjani lokhu okukhulu kangaka na?” Wathi u-Elisha: “USimakade ungibonisile ukuthi uzokuba yinkosi e-Aramu.”
Ngubani lona omedelelile, nomethukile na? Ngubani lona omphakamisele izwi lakho, nobhekisa amehlo akho phezulu, umqhoshela na? Ngabe ukwenza lokhu koNgcwele ka-Israyeli!
Ungayilethi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ufeze isithembiso, ngokuba kokubili kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.
USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.
UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi uphethe izinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe.