Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
2 Samuweli 22:3 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami ephephileyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni. Contemporary Zulu Bible 2024 Nkulunkulu wedwala lami; ngithembele kuye: uyisihlangu sami nophondo lwensindiso yami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami, umsindisi wami; Uyangisindisa ebudloveni. |
Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaSimakade lihlanzekile; Yena uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.
“USimakade uyaphila malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu, idwala lensindiso yami.
Ungikhiphe ezitheni zami, wangiphakamisela phezu kwabangivukelayo, wangihlenga kumuntu oyisidlova.
Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini; umenzele umusa uDavide, ogcotshiweyo wakho, nabozalo lwakhe, kuze kube phakade.”
UNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile, iDwala lika-Israyeli lathi kimi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokwesaba uNkulunkulu,
Umuntu ohlebayo makangavunyelwa asimame emhlabeni, ububi mabusilandele isidlova, sibhujiswe.
Ngivikele ezandleni zomubi, ungilonde kumuntu oyisidlova, oceba ukukhubekisa izinyawo zami.
Bheka ngakwesokunene sami, uyabona, akukho namunye onginakekelayo, angisenasiphephelo, akekho osawukhathalela umphefumulo wami.
umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa izizwe phansi kwami.
Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.
Ngokuba uzongifihla edokodweni lakhe ngosuku lwenhlupheko, angicashise endaweni efihlakele ethendeni lakhe, angiphakamisele edwaleni.
USimakade ungamandla ami, nesihlangu sami, inhliziyo yami yethembele kuye, yingakho ngisizakele, inhliziyo yami iyethaba. Ngizomdumisa ngehubo lami.
Wena uyindawo yami yokubhaca, uyangivikela enkathazweni, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,
Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini.
Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngithabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami nesiphephelo sami ngosuku lokuhlupheka kwami.
Ngokuba Wena ube yisiphephelo sami, umbhoshongo oqinileyo phambi kwesitha sami.
Iyokhulula impilo yabo kumcindezeli nonendluzula, igazi labo liyigugu emehlweni ayo.
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
Nkulunkulu, izedeleli zingivukele, isigejana sezixhwanguxhwangu sizingele umphefumulo wami, sangaba nandaba nawe.
USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.
Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”
Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.
Kumemezeleni, nikuveze; yebo, mabaxoxe. Ngubani owakubikezela lokhu endulo, wakumemezela esikhathini sasemandulo na? AkusiMina Simakade na? Akekho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akekho ngaphandle kwami.
Simakade, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badla ifa elingamanga kuphela, okuyize, okungenanzuzo.
Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngizakuqeda kule ndawo, phambi kwenu, nasemihleni yenu, umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nezwi likamakoti.’
“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.
Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindiswe nguSimakade oyisihlangu nosizo lwakho, oyinkemba yakho yokunqoba. Izitha zakho ziyokhwantshabala, wena unyathele ezindaweni zazo eziphakemeyo.”
Kepha lapho sebubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,
futhi uthi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” abuye athi: “Sengilapha, mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”
UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile.
“Akekho ongcwele njengoSimakade, akekho noyedwa ngaphandle kwakho; alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.