Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 71:7 - IsiZulu 2020

7 Kwabaningi bengifana nesimangaliso, kodwa Wena uyisiphephelo sami esinamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Nginjengesimangaliso kwabaningi, kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyisimangaliso kwabaningi; kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 71:7
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba Wena ube yisiphephelo sami, umbhoshongo oqinileyo phambi kwesitha sami.


Ukuhlengwa kwami nodumo lwami kukuNkulunkulu, idwala lami eliqinileyo, isiphephelo sami sikuNkulunkulu.


Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke, inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe, uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.


Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.


Bheka, mina nabantwana uSimakade angiphe bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuSimakade Wamabandla ohleli entabeni iZiyoni.


Simakade, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badla ifa elingamanga kuphela, okuyize, okungenanzuzo.


Ingelosi kaSimakade yamyala uJoshuwa, ithi:


“ ‘Ake ulalele, Joshuwa, mphristi omkhulu, wena nobambisene nabo abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: niyabona-ke, sengizakuletha inceku yami, uHlumela.


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –


Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu,


Ngokuba ngiyabona ukuthi thina baphostoli, uNkulunkulu usenze saba ngabokugcina, njengabanqunyelwe ukuba bafe, ngokuba sesiphenduke into yokubukwa yizwe, yizingelosi, nabantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka