“Ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
2 Samuweli 22:2 - IsiZulu 2020 wathi: “USimakade uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomsindisi wami; |
“Ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
UNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile, iDwala lika-Israyeli lathi kimi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokwesaba uNkulunkulu,
umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa izizwe phansi kwami.
Impela Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyangihola, ungiqondise.
Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha na?”
Yiba yidwala lami lokukhosela, engiza kulo njalo; uyalezile ukuba ngisindiswe, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.
uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”
Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.
“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.
“Akekho ongcwele njengoSimakade, akekho noyedwa ngaphandle kwakho; alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.
USawule nabantu bakhe baphuma bayomfuna uDavide. UDavide wabikelwa ngalokho, wayesehlela edwaleni, wahlala ehlane eMahoni. USawule wakuzwa lokho, wamlandela uDavide ehlane eMahoni.
USawule wathatha abantu abayizi-3 000 ababekhethwe phakathi kwawo wonke u-Israyeli, wahamba nabo, bayofuna uDavide nabantu bakhe emaDwaleni amaGogo.