“Nina zintaba iGilibhowa, makungabi bikho mazolo namvula phezu kwenu, nasemasimini avundileyo, ngokuba kwangcoliswa lapho isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawule singagcotshwanga ngamafutha.
2 Samuweli 1:6 - IsiZulu 2020 Insizwa eyambikelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni iGilibhowa, ngaleso sikhathi uSawule wancika emkhontweni, ngokuba izinqola nabamahhashi babemxine kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Insizwa eyamtshelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ijaha elamtshela lathi: “Ngathi ngifika entabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wayeme ngomkhonto wakhe; bheka, izinqola nabamahhashi bamxosha kanzima. |
“Nina zintaba iGilibhowa, makungabi bikho mazolo namvula phezu kwenu, nasemasimini avundileyo, ngokuba kwangcoliswa lapho isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawule singagcotshwanga ngamafutha.
UDavide wathi kuleyo nsizwa eyayimbikela: “Wazi kanjani ukuthi uSawule nendodana yakhe bafile na?”
Kwathi kungalindelekile, kwehla umphristi othile ngaleyo ndlela; kuthe lapho embona, wachezuka endleleni.
URuthi wayesehamba wafike wakhothoza ensimini lapho kwase kuvunwe khona. Kwenzeka nje wazithola esekhothoza esiqeshini sensimu kaBhowazi, owayengowomndeni ka-Elimelekhi.
AmaFilisti abuthana, eza, akanisa eShunemi, noSawule waqoqa wonke u-Israyeli, wakanisa eGilibhowa.
Bhekani, uma zenyuka nawo ngendlela esemngceleni waseBhethi Shemeshi, yazini ukuthi nguNkulunkulu ka-Israyeli osehlisele lobo bubi obukhulu. Uma kungenzeki kanjalo, kuyobe sehlelwe yingozi nje.”