Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 1:21 - IsiZulu 2020

21 “Nina zintaba iGilibhowa, makungabi bikho mazolo namvula phezu kwenu, nasemasimini avundileyo, ngokuba kwangcoliswa lapho isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawule singagcotshwanga ngamafutha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu, nokugubha kotwa, ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa, isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo, kungabikho mvula phezu kwenu, namasimu emihlatshelo; ngoba kukhona isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawuli esilahlwe lapho kungathi kagcotshiweyo amafutha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 1:21
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka bexoshwa ngamaFilisti, abanye bawa begwaziwe entabeni iGilibhowa.


Kwathi ngakusasa amaFilisti afika ezophanga ababuleweyo, amthola uSawule namadodana akhe befile entabeni iGilibhowa.


Intamo yakho ifana nombhoshongo kaDavide onemigqa okuphanyekwa kuyo izikhali; inkulungwane yamahawu iphanyekwe kuwo, zonke izihlangu zamaqhawe.


Balungisa itafula, bendlala izindwangu, bayadla, bayaphuza. Hhayi bo, zikhulu, sukumani! Gcobani amahawu.


Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo, ngenza ukuba izinzulu ziwulilele, ngawusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi awangageleza. ILebhanoni ngalifaka inzilo ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngawo.


Iminikelo yokusanhlamvu nokuphuzwayo ayisalethwa endlini kaSimakade; abaphristi, izinceku zikaSimakade bayalila.


Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na?


‘Qalekisani iMerozi,’ kusho ingelosi kaSimakade; ‘ziqalekiseni kabi izakhamuzi zalo, ngoba azizanga ukuzosiza uSimakade, ukuzosiza uSimakade elwa nesiqhwaga.’


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha wawuthela ekhanda likaSawule wayesemanga, wathi kuye: “USimakade akakugcobile yini ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, abanye babo bawa, basala enkundleni, entabeni iGilibhowa.


Kwathi ngakusasa, amaFilisti abuya ukuyophanga ababebulewe, afumana uSawule namadodana akhe omathathu befele entabeni iGilibhowa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka