Wayengumfelokazi waze waba neminyaka engama-84, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.
2 kuThimothewu 1:3 - IsiZulu 2020 Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo ngonembeza omsulwa kusukela kokhokho, njengokuba ngikukhumbula njalo emikhulekweni yami ubusuku nemini, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kokhokho ngonembeza omhlophe, ngokuba ngingaphezi ukukukhumbula emikhulekweni yami ubusuku nemini; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kokhokho ngonembeza omhlophe, ngokuba ngingaphezi ukukukhumbula emikhulekweni yami ubusuku nemini; |
Wayengumfelokazi waze waba neminyaka engama-84, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.
“Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla.
UPawula wawubuka umkhandlu, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambe phambi kukaNkulunkulu nginonembeza omsulwa, kuze kube namuhla.”
Kepha ngiyakuvuma lokhu kuwe ukuthi mayelana neNdlela abayibiza ngokuthi wukuduka, ngikhonza kanjalo uNkulunkulu wokhokho, futhi ngiyakholwa yikho konke okulotshwe emthethweni nakubaphrofethi;
Ngakho-ke nami ngiyazama ukuba njalo ngihlale nginonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu.
“Bonke abaJuda bayayazi inkambo yami kusukela ekuqaleni, ebusheni bami phakathi kwabakithi naseJerusalema.
Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,
Ngikhuluma iqiniso ngikuKhristu, angiqambi manga, unembeza wami ufakazelana nami kuMoya oNgcwele,
Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.
Ngangilishoshozela ebuJudeni, elidlula abaningi kontanga nasesizweni sakithi, ngiwashisekela kakhulu kunabo amasiko okhokho bami.
Ubusuku nemini siyanxusa singaphezi ukuba sinibone ubuso nobuso, siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.
unokukholwa nonembeza omuhle, abanye abakulahlile, bafelwa ngumkhumbi wabo wokukholwa,
Kepha umgomo womyalo wuthando oluvela enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo.
Lowo ongumfelokazi ngempela, ongenabani, uthembele kuNkulunkulu, uhlala enxusa, ekhuleka ubusuku nemini.
Lokho kungikhumbuza ukukholwa kwakho okungenakho ukuzenzisa, okwaqala kugogo wakho uLuwisi nakunyoko uYunisi, futhi nginesiqiniseko sokuthi kukhona nakuwe.
nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.
Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.