Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 24:16 - IsiZulu 2020

16 Ngakho-ke nami ngiyazama ukuba njalo ngihlale nginonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Nakulokhu ngiyazivivinya ukuba ngihlale nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu nakubantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Nakulokhu ngiyazivivinya ukuba ngihlale nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu nakubantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 24:16
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UPawula wawubuka umkhandlu, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambe phambi kukaNkulunkulu nginonembeza omsulwa, kuze kube namuhla.”


bayabonakalisa ukuthi lokho okungumsebenzi womthetho kulotshiwe ezihliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza ngalokho, futhi nemicabango yabo iyakubamangalela noma ibavune,


Ngikhuluma iqiniso ngikuKhristu, angiqambi manga, unembeza wami ufakazelana nami kuMoya oNgcwele,


Ningabi yisikhubekiso kubaJuda, kumaGriki, noma kulo ibandla likaNkulunkulu,


Ngokuba angizinyezi ngalutho, nokho angilungisisiwe ngalokho, kodwa ongahlulelayo yiNkosi.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, futhi asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kodwa ngokuveza obala iqiniso, sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.


unokukholwa nonembeza omuhle, abanye abakulahlile, bafelwa ngumkhumbi wabo wokukholwa,


Kepha umgomo womyalo wuthando oluvela enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo.


kodwa agcine imfihlakalo yokukholwa ngonembeza omsulwa.


Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo ngonembeza omsulwa kusukela kokhokho, njengokuba ngikukhumbula njalo emikhulekweni yami ubusuku nemini,


Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile, kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo nonembeza wabo.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.


Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.


kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


Ngokuba lokhu kuyabongeka uma umuntu, ngenxa kanembeza, ngokuyintando kaNkulunkulu, ethwala izinsizi noma ehlushwa ngokungafanele.


Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu.


Lawo manzi angumfanekiso wombhabhadiso enisindiswa ngawo manje, okungesikho ukukhuculula insila emzimbeni, kodwa isithembiso kuNkulunkulu esivela kunembeza omsulwa, ngokuvuka kukaJesu Khristu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka