Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 1:14 - IsiZulu 2020

14 Ngangilishoshozela ebuJudeni, elidlula abaningi kontanga nasesizweni sakithi, ngiwashisekela kakhulu kunabo amasiko okhokho bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi, ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 futhi enkolweni yobuJuda ngadlula abaningi abayintanga yami esizweni sakithi, ngishisekela kakhulu amasiko awobaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 futhi enkolweni yobuJuda ngadlula abaningi abayintanga yami esizweni sakithi, ngishisekela kakhulu amasiko awobaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 1:14
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Mina ngiyakukudalula ukulunga kwakho nemisebenzi yakho; kepha akuyukukusiza.


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Sizoya kuphi na?’ Uyobatshela uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Abanqunyelwe ukufa, bayokufa; abanqunyelwe inkemba, inkemba; nabendlala, indlala; nabokuthunjwa, ukuthunjwa.’


Kepha bahambe balandela inkani yenhliziyo yabo, balandela oBhali ababafundiswa ngokhokho babo.”


Uma-ke inyama ebomvu ibuye yaphenduka yaba mhlophe uyakuya kumphristi,


akusadingeki ukuba ahloniphe uyise; kanjalo-ke nilenza libe yize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu.


Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangakanani izinkulungwane zalabo asebekholwa, ezikhona phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho!


“Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla.


Bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi.


“Kepha mina ngokwami ngazimisela ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha.


Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.


enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka