USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.
1 Samuweli 7:11 - IsiZulu 2020 Amadoda akwa-Israyeli aphuma eMizpha awaxosha amaFilisti, awabulala kwaze kwaba seBhethi Khari. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu bakwa-Israyeli baphuma eMispa, bawaxosha amaFilisti, bawabulala, baze bafika ngaphansi eBeti Kari. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadoda akwa-Israyeli aphuma eMispa, awaxosha amaFilisti, awabulala, aze afika phansi kweBeti Kari. |
USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.
Kwathi uSamuweli esenza umnikelo wokushiswa, asondela amaFilisti ukuzolwa no-Israyeli. USimakade waduma ngezwi elikhulu ngalolo lusuku wamelana namaFilisti, wawafaka ukudideka, anqotshwa kanjalo ngu-Israyeli.
USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMizpha neSheni. Waliqamba wathi yi-Ebheni Ezeri, ethi: “USimakade usisizile kwaze kwaba lapha.”