1 Samuweli 4:8 - IsiZulu 2020 Maye kithi! Ngubani oyosihlenga esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yibo labo nkulunkulu abashaya abaseGibhithe ngalo lonke ubhubhane ehlane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Maye kithina! Ngubani oyakusophula esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yilaba onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izifo ehlane. Contemporary Zulu Bible 2024 Maye kithi! ngubani oyakusikhulula esandleni salaba nkulunkulu abanamandla na? yilabo onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izinhlupho ehlane. |
AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”
Ngokuba kulesi sikhathi ngizothumela zonke izinhlupheko zami enhliziyweni yakho, kweyezinceku zakho, nakweyabantu bakho, ukuze nazi ukuthi akekho onjengami emhlabeni wonke.
Laba banamandla okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku lapho bephrofetha, futhi banamandla phezu kwamanzi ukuba bawaphendule igazi, nokushaya umhlaba ngezinhlupheko eziningi, noma nini lapho bethanda ukwenzenjalo.
AmaFilisti esaba ngokuba, athi: “UNkulunkulu ufikile enkanjini.” Athi-ke: “Maye kithi, ngokuba akukaze kwenzeke okunjengalokhu phambilini.
Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuze ningabi yizigqila zamaHebheru, njengoba ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”
Abantu base-Ashidodi sebebona ukuthi kunjalo, bathi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli awuyukuhlala kithi, ngokuba isandla sakhe sinzima phezu kwethu naphezu kukaDagoni, unkulunkulu wethu.”