Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 4:13 - IsiZulu 2020

Wafika; bheka, u-Eli wayehleli esihlalweni sakhe eceleni komgwaqo ebukela, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. Kwathi ukuba lowo muntu angene emzini, wawubikela, kwasuka esinamathambo isililo kuwo wonke umuzi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu, wakubika, wakhala umuzi wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho efika, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni eceleni kwendlela, wabheka, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Lapho lowo muntu efika emzini, wabika, kwakhala umuzi wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 4:13
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.


Yima endleleni, uqaphele wena ohleli e-Aroweri, buza kobalekayo nakowesifazane ophunyukile, uthi: ‘Kwenzenjani na?’


AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”


UHana wasukuma lapho sebedlile, baphuza eShilo. U-Eli, umphristi, wayehleli esihlalweni sakhe ngasensikeni yomyango wethempeli likaSimakade.


Kwathi lapho u-Eli ezwa umsindo wokukhala, wathi: “Ngowani lowo msindo wokumemeza na?” Lowo muntu washesha waya kuye, wamtshela.


Kwathi nje ukuba aphathe igama lomphongolo kaNkulunkulu, u-Eli wawa nyovane esihlalweni sakhe eceleni kwesango, waphuka intamo, wafa, kwazise wayesemdala futhi ekhuluphele. Wayemahlulele u-Israyeli iminyaka engama-40.