Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.
1 Samuweli 4:13 - IsiZulu 2020 Wafika; bheka, u-Eli wayehleli esihlalweni sakhe eceleni komgwaqo ebukela, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. Kwathi ukuba lowo muntu angene emzini, wawubikela, kwasuka esinamathambo isililo kuwo wonke umuzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu, wakubika, wakhala umuzi wonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho efika, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni eceleni kwendlela, wabheka, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Lapho lowo muntu efika emzini, wabika, kwakhala umuzi wonke. |
Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.
Yima endleleni, uqaphele wena ohleli e-Aroweri, buza kobalekayo nakowesifazane ophunyukile, uthi: ‘Kwenzenjani na?’
AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”
UHana wasukuma lapho sebedlile, baphuza eShilo. U-Eli, umphristi, wayehleli esihlalweni sakhe ngasensikeni yomyango wethempeli likaSimakade.
Kwathi lapho u-Eli ezwa umsindo wokukhala, wathi: “Ngowani lowo msindo wokumemeza na?” Lowo muntu washesha waya kuye, wamtshela.
Kwathi nje ukuba aphathe igama lomphongolo kaNkulunkulu, u-Eli wawa nyovane esihlalweni sakhe eceleni kwesango, waphuka intamo, wafa, kwazise wayesemdala futhi ekhuluphele. Wayemahlulele u-Israyeli iminyaka engama-40.