UFaro wathumela ukuba kubizwe uJosefa, bashesha bamkhipha emgodini, wagunda, wagqoka izingubo ezihlanzekileyo, wayeseya kuFaro.
1 Samuweli 2:8 - IsiZulu 2020 Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo. |
UFaro wathumela ukuba kubizwe uJosefa, bashesha bamkhipha emgodini, wagunda, wagqoka izingubo ezihlanzekileyo, wayeseya kuFaro.
Uzokwengamela isigodlo sami, nesizwe sami sonke siyokwenza njengoba usiyala; yimi kuphela ngokwesikhundla sami sobukhosi engizoba mkhulu kunawe.”
“Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Mina ngakuthatha edlelweni, ekweluseni izimvu, ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli.
“Njengoba ngakuphakamisa othulini, ngakwenza umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobhowamu, wenza abantu bami u-Israyeli ukuba bone, bangichukuluze, bavuse ulaka lwami ngenxa yezono zabo;
Wasukuma, wangena endlini, yayisimthela ngamafutha ekhanda, yathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngiyakugcoba ukuba ube yinkosi yabantu bakaSimakade, u-Israyeli.
wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”
Izisekelo zomhlaba wazibeka kwasemandulo, namazulu angumsebenzi wezandla zakho.
Umhlaba uwumise phezu kwezisekelo zawo, ukuze unganyakaziswa kuze kube phakade naphakade.
Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; Mina ngizimisile izinsika zawo.” Sela
Ngiyomqinisa njengesikhonkwane endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sokuhlonipheka endlini kayise.
Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBhabhele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBhabhele.
“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, abeke phezu kwayo ozithobayo kubantu.’
UDaniyeli wabadlula omengameli nezikhulu, ngokuba wayenekhono eledlulele; inkosi yayicabanga ukumbeka ukuba engamele umbuso wonke.
Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.
Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?
wasenza saba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu uYise, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade. Amen.
Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.
“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
USamuweli wathi: “Nakuba wawuzibona ungomncane, kodwa awenziwanga yini waba yinhloko yezizwana zakwa-Israyeli na? USimakade wakugcoba waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.