Kwakuthi uma ababethwele umphongolo kaSimakade sebehambe amanyathelo ayisithupha, bese ehlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.
1 Samuweli 15:9 - IsiZulu 2020 Kodwa uSawule nabantu abambulalanga u-Agagi kanye nempahla yekhethelo; izimvu, izinkabi, amawundlu nakho konke okuhle. Konke okudelelekileyo nokondileyo bakubhubhisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uSawule nabantu bamyeka u-Agagi, nehle kunakho konke kwezimvu, nezinkomo, nokukhuluphalisiwe, namawundlu, nakho konke okuhle, abathandanga ukuwashaya ngesiqalekiso, kepha konke okubi nokubi nokubi. Ukugeza imfucuza, ababhubhisa ngokuphelele. |
Kwakuthi uma ababethwele umphongolo kaSimakade sebehambe amanyathelo ayisithupha, bese ehlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.
UBheni Hadadi wathi kuye: “Imizi eyadliwa ngubaba kuyihlo ngizoyibuyisa, uyakuzenzela imigwaqo eDamaseku njengalokhu ubaba enza eSamariya.” U-Ahabi wathi: “Ngenxa yalesi sivumelwano ngizokuvumela ukuba uhambe.” Base benza isivumelwano, wayesemvumela ukuba ahambe.
Nize ningazithinti izinto ezimiselwe ukucekelwa phansi, nize ningazinxaneli nithathe zonke izinto ezimiselwe ukubhujiswa bese nenza inkambu ka-Israyeli into yokubhujiswa, nilethe ukuhlupheka phezu kwayo.
lapho ngibona phakathi kwempango ingubo enhle eShinari, isiliva elingama-200 amashekeli, nesigaxa segolide esisisindo salo singamashekeli angama-50, ngakunxanela, ngase ngiyakuthatha. Manje ngikumbele ngakufihla phakathi ethendeni lami, isiliva lona liphansi kwakho konke.”
USawule wathi: “Babuye nazo kuma-Amaleki, abantu baziyekile izimvu nezinkomo ezinhle ukuze bakuhlabele uSimakade uNkulunkulu wakho; ezinye siziqede nya.”
Awulalelanga ngani izwi likaSimakade? Kungani uphuthume wathatha impango, wenza okubi emehlweni kaSimakade na?”
Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”
Ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade, awuthululelanga ulaka lwakhe oluvuthayo phezu kwama-Amaleki, yingakho-ke uSimakade enze lokhu kuwe namuhla.