Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 6:18 - IsiZulu 2020

18 Nize ningazithinti izinto ezimiselwe ukucekelwa phansi, nize ningazinxaneli nithathe zonke izinto ezimiselwe ukubhujiswa bese nenza inkambu ka-Israyeli into yokubhujiswa, nilethe ukuhlupheka phezu kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kodwa zigcineni nina kukho okuqalekisiweyo, funa lapho senikuqalekisile nithathe kukho okuqalekisiweyo, nilenze ikamu* libe ngeliqalekisiweyo, nilihluphe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kumelwe niziqaphe empahleni eyenqatshelwe, funa niqalekiswe, uma namukela empahleni echithiweyo, nenze ikamu lika-Israyeli libe yisiqalekiso, niliqalekise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 6:18
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kodwa isikhohlakali sisinye sibhubhisa okuhle okuningi.


Waphendula wathi: “Ngiqukuleni, ningiphonse olwandle, khona luzothula, ngokuba ngiyazi ukuthi yimi oyimbangela yalesi siphepho esinihlaseleyo.”


Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle.


Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule,


Akuyukunamathela lutho oluqalekisiweyo esandleni sakho ukuze uSimakade aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, aniphathe ngomusa, abe nesihe kini, anandise, njengalokhu afunga kokhokho benu,


Uma kukhona phakathi kwenu umuntu ongahlambulukile ngenxa yokumehlele ebusuku, uyophumela ngaphandle kwenkambu, angangeni phakathi kwayo,


Awuyukungenisa into eyisinengiso endlini yakho, funa nawe umiselwe ukubhujiswa njengayo; uyakuyenyanya nokuyenyanya, unengwe nokunengwa yiyo, ngokuba iyinto yokubhujiswa.”


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Kepha abantu bakwa-Israyeli abethembekanga mayelana nezinto ezaziqalekisiwe. U-Akhani, indodana kaKharimi kaZabidi kaZera wesizwana sakwaJuda, wathatha ezinye zezinto ezaziqalekisiwe; ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwavuthela bonke abantu bakwa-Israyeli.


“Ngakho-ke suka ungcwelise abantu, uthi kubo: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: kunezinto eziqalekisiweyo phakathi kwenu, Israyeli aniyukuma phambi kwezitha zenu nize nikhiphe phakathi kwenu izinto eziqalekisiweyo.


Kuyothi umuntu oyotholakala enokuqalekisiweyo, ashiswe ngomlilo nakho konke anakho, ngokuba esephulile isivumelwano sikaSimakade, nangokuba enze into embi kakhulu kwa-Israyeli.’ ”


UJoshuwa wathi: “Wenzeleni ukuba usilethele inhlupheko, na? USimakade uzakukulethela inhlekelele nawe namuhla.” Bonke abantu bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe waze wafa, babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.


Bantwanyana, dedani ezithombeni ezibaziweyo.


Kodwa uSawule nabantu abambulalanga u-Agagi kanye nempahla yekhethelo; izimvu, izinkabi, amawundlu nakho konke okuhle. Konke okudelelekileyo nokondileyo bakubhubhisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka