UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”
1 Samuweli 13:4 - IsiZulu 2020 U-Israyeli wonke wezwa ukuthi uSawule ubhubhise impi yamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu baqoqana ukuba balandele uSawule, baye eGiligali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wonke u-Israyeli wezwa kuthiwa uSawule uchithile ikhanda lamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu babuthwa ukuba bamlandele uSawule, baye eGiligali. Contemporary Zulu Bible 2024 Wonke u-Israyeli wezwa ukuthi uSawule uchithe ikampu yamaFilisti nokuthi u-Israyeli unengeka kumaFilisti. Abantu babizelwa ndawonye ukuba bamlandele uSawule eGiligali. |
UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”
Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”
Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.
Zathi kubo: “USimakade makanibheke anehlulele. Nisenze sanuka iququ phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabanika inkemba ezandleni zabo ukuba basibulale.”
Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.
USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngilisusile kini ihlazo laseGibhithe.” Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiGiligali, kuze kube namuhla.
“Uyohamba phambi kwami uye eGiligali, bheka ngizokuza kuwe ukuze nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula. Uyohlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike lapho ukhona, ngikutshele oyakukwenza.”
U-Akhishi wakholwa ngokwakushiwo nguDavide, wathi: “Wenze ukuba abacasukele impela abantu bakubo, abakwa-Israyeli, uzokuba yinceku yami njalo.”