Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 27:12 - IsiZulu 2020

12 U-Akhishi wakholwa ngokwakushiwo nguDavide, wathi: “Wenze ukuba abacasukele impela abantu bakubo, abakwa-Israyeli, uzokuba yinceku yami njalo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Akhishi wakholwa nguDavide, wathi: “Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa-Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 U-Akhishi wamkholwa uDavide, wathi: “Wenzé abantu bakhe u-Israyeli baba yisinengiso kuye; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 27:12
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”


Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.


Zathi kubo: “USimakade makanibheke anehlulele. Nisenze sanuka iququ phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabanika inkemba ezandleni zabo ukuba basibulale.”


U-Israyeli wonke wezwa ukuthi uSawule ubhubhise impi yamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu baqoqana ukuba balandele uSawule, baye eGiligali.


UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephila ukuze abayise eGathi, ngoba wathi: “Hleze basicebe, bathi: ‘UDavide wenze lokhu nalokhu. UDavide wenza kanjalo zonke izinsuku ehleli ezweni lamaFilisti.’ ”


Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti aqoqa amabutho awo ukuba aphume ayokulwa no-Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide: “Yazi ngokweqiniso ukuthi uzophuma impi nami, wena nabantu bakho.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka