Bayokwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo, owabakhipha eGibhithe ukuze ngihlale phakathi kwabo; nginguSimakade uNkulunkulu wabo.
1 Samuweli 10:18 - IsiZulu 2020 Wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘U-Israyeli ngamkhuphula eGibhithe, ngamhlenga esandleni sabaseGibhithe, nasesandleni sayo yonke imibuso eyayimcindezela.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi kubantu bakwa-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Ngenyusa u-Israyeli eGibithe, nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyanicindezelayo;’ Contemporary Zulu Bible 2024 wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Isho kanje iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ithi: Ngakhuphula u-Israyeli eGibithe, nganisindisa esandleni sabaseGibithe, nasesandleni sayo yonke imibuso, nakuyo eyayinicindezela. |
Bayokwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo, owabakhipha eGibhithe ukuze ngihlale phakathi kwabo; nginguSimakade uNkulunkulu wabo.
Kuyothi lapho niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinihlaselayo, nihlabe umkhosi ngamacilongo. USimakade uNkulunkulu wenu uyonikhumbula, anisindise ezitheni zenu.
Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade.
“Lapho uJakobe esefikile eGibhithe, okhokho benu bakhala kuSimakade. USimakade wathuma uMose no-Aroni, babakhipha okhokho benu eGibhithe, wabahlalisa kule ndawo.