Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 10:19 - IsiZulu 2020

19 Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Nina nimlahlile namuhla uNkulunkulu wenu, owanisindisa kuzo zonke izinhlupheko zenu nezinsizi zenu; laselisithi kuye: Hatshi, kodwa sibekele inkosi phezu kwethu. Manje zimiseni phambi kukaJehova ngokwezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 10:19
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Unkatho lwenzelwa emathangeni, kepha sonke isinqumo salo sivela kuSimakade.


“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”


kodwa inyanga yonke, ize iphume ngamakhala, niyitshokoze, niyenyanye, ngokuba nimlahlile uSimakade ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe, nathi: “Kungani kube nje, saphumelani eGibhithe na?” ’ ”


“Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthathe kubo izintonga, ibe yinye kuleyo naleyo ndlu yokhokho babo, kubo bonke abaholi ngokwezindlu zokhokho; kube yizintonga ezili-12. Uyoloba igama lomniniyo entongeni yakhe.


“Lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, uhlale kulo, bese uthi: ‘Ngizozibekela inkosi ingibuse njengazo zonke izizwe ezingizungezile,’


UJoshuwa wayeseqoqa zonke izizwana zakwa-Israyeli eShekhemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, bema phambi kukaNkulunkulu.


UGideyoni wathi kubo: “Angizukunibusa, nendodana yami ayizukunibusa; nguSimakade ozonibusa.”


USamuweli wayesezisondeza zonke izizwana zakwa-Israyeli, kwathi isizwana sakwaBhenjamini sadliwa wunkatho.


“Kuthe lapho nibona uNahashi, inkosi yabakwa-Amoni, eza ukuzonihlasela, nathi kimi: ‘Qha, kepha nathi masibuswe yinkosi,’ naphezu kokuba uSimakade uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu.


USimakade wamsindisa u-Israyeli ngalolo lusuku. Impi yalwa yaze yedlulela eBhethi Aveni.


USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nina enaziyo nenibonile ukuthi senzeke kanjani lesi sono sanamuhla.


USimakade waqhubeka wabonakala eShilo, ngokuba wazembula kuSamuweli ngezwi likaSimakade.


Izwi likaSamuweli lafika kuwo wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma wayolwa namaFilisti, wakanisa ngase-Ebheni Ezeri; amaFilisti akanisa e-Afeki.


Kepha abantu bala baphetha ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Qha, sifuna ukuba kube khona inkosi isibuse,


athi kuye: “Bheka, usumdala manje, amadodana akho awahambi ezindleleni zakho; sibekele inkosi ukuba isehlulele njengezizwe zonke.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka