Wabahola ngensika yefu emini; nasebusuku ngensika yomlilo ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
UNumeri 9:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi lapho ifu lihlezi kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni, nefu liphakama ekuseni, basuka; noma kwakusemini noma ebusuku ukuthi ifu lenyuka, bahamba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni; nalapho ifu lenyuswa ekuseni, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini, bahamba lapho ifu lenyuswa. IsiZulu 2020 Kokunye ifu lalihlala ubusuku nje obubodwa kuze kube sekuseni; kuthi uma liphakanyiswa ekuseni, bahambe. Noma ngabe ifu lalingahlala ubusuku nemini, kwakuthi uma lenyuswa baqhubeke nohambo. |
Wabahola ngensika yefu emini; nasebusuku ngensika yomlilo ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
Kepha awubashiyanga ngobuningi bobubele bakho ehlane; insika yefu ayizange isuke kubo emini ukubaqondisa endleleni; nensika yomlilo ebusuku ukubabonisa ukukhanya nendlela okufanele bahambe ngayo.
Kwathi lapho ifu liphezu kwetabernakele izinsuku ezimbalwa; njengokwesiyalezo sikaJehova bahlala ematendeni abo, basuka njengomyalo kaJehova.
Noma ifu lalihlala phezu kwetabernakele izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma unyaka, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo, abasukanga; kodwa kwathi selinyuswa basuka.