Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 9:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kepha awubashiyanga ngobuningi bobubele bakho ehlane; insika yefu ayizange isuke kubo emini ukubaqondisa endleleni; nensika yomlilo ebusuku ukubabonisa ukukhanya nendlela okufanele bahambe ngayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 “Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 9:19
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabahola ngensika yefu emini; nasebusuku ngensika yomlilo ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Ngalokho wabanikela esandleni sezitha zabo ezabathukuthelisa; futhi ngokobubele bakho obukhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.


Kodwa ngenxa yomusa wakho omkhulu awuzange ubabhubhise futhi awubashiyanga; ngoba wena unguNkulunkulu olesihawu lesihawu.


Wasikhumbula isivumelwano sakhe kubo, waphenduka ngokobukhulu besihe sakhe.


Kuyena owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Lapho ifu lisuka phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli baqhubeka nokuhamba.


Ngoba ifu leNkosi laliphezu kwethabhanekele emini, lomlilo wawuphezu kwalo ebusuku phambi kwamehlo ayo yonke indlu kaIsrayeli ezinkambeni zabo zonke.


Cabanga ngakho, Jakobe nawe Israyeli! ngoba uyinceku yami; ngakubumba; uyinceku yami; O Israyeli, ngeke ukukhohlwa yimi.


Kungenxa yobubele bukaJehova ukuthi asiqedwa, ngokuba ububele bakhe abupheli.


Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwabezizwe, engabakhupha phambi kwamehlo abo.


Kodwa ilihlo lami labahawukela ekubabhubhiseni, njalo kangibaqedanga enkangala.


Kodwa ngasibuyisa isandla sami ngenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhupha phambi kwamehlo azo.


O Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, ubone ukuchithwa kwethu nomuzi igama lakho elibizwe ngawo, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu, kepha ngenxa yomusa wakho omkhulu.


Kuyo iNkosi uNkulunkulu wethu kukhona umusa nentethelelo, nakuba simhlubukile;


Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho amadodana akho kaJakobe awaqedwanga.


Bazakutshela abakhileyo kuleli zwe, ngoba bezwile ukuthi iNkosi yakho iphakathi kwalaba bantu, ukuthi iNkosi yakho ibonakala ubuso nobuso, nokuthi ifu lakho limi phezu kwabo nokuthi uphuma phambi kwabo emini isikhathi ensikeni yefu nasensikeni yomlilo ebusuku.


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha.


Ngokuba uJehova akayikubalahla abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, ngokuba kwaba kuhle kuJehova ukunenza abantu bakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka