Ngizakufundisa ngikufundise indlela okumele uhambe ngayo: ngizakuqondisa ngeso lami.
UNumeri 9:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho ifu lisuka etabernakele, abantwana bakwa-Israyeli basuka emva kwalo; endaweni lapho ifu lihlala khona, abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona amatende abo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nalapho ifu lenyuswa etendeni, base behamba abantwana bakwa-Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona. IsiZulu 2020 Noma yinini lapho ifu liphakama ethendeni, abakwa-Israyeli babehamba, kuthi lapho ifu lima khona, nabo bakanise lapho. |
Ngizakufundisa ngikufundise indlela okumele uhambe ngayo: ngizakuqondisa ngeso lami.
Ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lasuka ehlane laseSini ngamabanga alo njengesiyalezo sikaJehova, lamisa eRafidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.
Abayikulamba, noma bome; futhi ukushisa nelanga ngeke kubashaye; ngokuba lowo onomusa kubo uyakubahola, abahole ngasemithonjeni yamanzi.
Noma ifu lalihlala phezu kwetabernakele izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma unyaka, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo, abasukanga; kodwa kwathi selinyuswa basuka.
Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo.