U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;
UNumeri 7:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Owanikela ngomhlatshelo wakhe ngosuku lokuqala kwakunguNahesoni indodana ka-Aminadaba wesizwe sakwaJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda. IsiZulu 2020 Ngosuku lokuqala uNaheshoni, indodana ka-Aminadaba wesizwana sakwaJuda, waletha umnikelo wakhe. |
U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;
Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
Juda, wena oyakubabonga abafowenu; isandla sakho siyakuba sentanyeni yezitha zakho; abantwana bakayihlo bazakukhothamela.
Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: esizweni sakwaRubeni; u-Elisuri indodana kaSedewuri.
Kuqala kwasuka ibhanela lekamu labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; phezu kwebutho lakhe kwakunguNashoni indodana ka-Aminadaba.
Ngasohlangothini lwasempumalanga, ngasekuphumeni kwelanga, bayakumisa ibhanela lekamu lakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba uyakuba ngumbusi phezu kwabantwana bakwaJuda.
UJehova wathi kuMose: “Bayakunikela ngomhlatshelo wabo wokwahlukanisela i-altare, yilowo nalowo isikhulu ngosuku lwaso.
Umnikelo wakhe wawuyisitsha esisodwa sesiliva, isisindo saso sasingamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nomganu owodwa wesiliva wamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele; zombili zazigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha njengomnikelo wempuphu.
U-Aramu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaason; uNahasoni wazala uSalimoni;
owayeyindodana kaJese, indodana ka-Obede, indodana kaBhowazi, indodana kaSalimoni, indodana kaNashoni,