Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Ngosuku lokuqala uNaheshoni, indodana ka-Aminadaba wesizwana sakwaJuda, waletha umnikelo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Owanikela ngomhlatshelo wakhe ngosuku lokuqala kwakunguNahesoni indodana ka-Aminadaba wesizwe sakwaJuda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 7:12
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.


Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.


“Juda, abafowenu bazakukudumisa wena; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela.


Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.


KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.


Kuqala lasuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla.


Abamisa ngasempumalanga ngasekuphumeni kwelanga bayakuba ngabebhanela* lekamu* lakwaJuda ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaJuda sibe nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.


UJehova wathi kuMose: “Izikhulu ziyakunikela ngomnikelo wazo, yileso naleso ngosuku lwaso, ube ngowahlukaniselwa kwe-altare.”


Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,


u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni;


kaJesayi ka-Obede kaBowasi kaSala kaNasoni


u-Aminadaba wazala uNaheshoni; uNaheshoni wazala uSalimoni;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka