Ngokuba kuzokwaziwa kanjani lapha ukuthi mina nabantu bakho ngifumene umusa emehlweni akho na? akusikho ukuthi uhambe nathi na? kanjalo siyakwahlukaniswa, mina nabantu bakho, kubantu bonke abasemhlabeni.
UNumeri 6:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Nxa indoda kumbe owesifazana ezahlukanisa ukwenza isithembiso somNaziri, ukuzahlukanisela eNkosini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile, isithembiso somNaziri,* ukuzahlukanisela kuJehova, IsiZulu 2020 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esilukhuni sokuba ngumnaziri, abe ngumnaziri kuSimakade, |
Ngokuba kuzokwaziwa kanjani lapha ukuthi mina nabantu bakho ngifumene umusa emehlweni akho na? akusikho ukuthi uhambe nathi na? kanjalo siyakwahlukaniswa, mina nabantu bakho, kubantu bonke abasemhlabeni.
Kepha bathi: “Asiyikuphuza iwayini, ngokuba uJonadaba indodana kaRekabi ubaba wethu wasiyala, wathi: “Aniyikuphuza iwayini kuze kube phakade, nina namadodana enu.”
Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele, nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.
Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Uba umuntu enze isithembiso esisodwa, abantu ngokulinganisa kwenu bazakuba ngekaJehova.
Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova, azibophe ngesibopho esendlini kayise ebusheni bakhe;
Ngokuba uyakuba mkhulu phambi kweNkosi, angaphuzi wayini naphuzo oludakayo; futhi uyogcwaliswa ngoMoya oNgcwele kusukela esizalweni sikanina.
UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.
UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu,
Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.
Kodwa kwathi kukuhle kuNkulunkulu, owangahlukanisa kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe;
ongadingi insuku ngensuku njengabapristi abakhulu ukuthi anikele imihlatshelo kuqala ngezakhe izono, andukuba ezezabantu;
Angadli lutho oluphuma emvinini, angaphuzi wayini nophuzo oludakayo, adle noma yini engcolileyo; konke engimyale ngakho, makakugcine.
Ngakho-ke qaphela, ungaphuzi iwayini noma uphuzo oludakayo, futhi ungadli noma yini engcolile.
Ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; nempuco ayiyikuthinta ekhanda lakhe, ngokuba indodana iyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; futhi uzoqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.
wamtshela inhliziyo yakhe yonke, wathi kuye: “Akuzange kufinyelelwe mpuco ekhanda lami; ngoba ngangingumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamama.
Ngalokho nami ngimnike uJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe uyakuba ngobolekiwe kuJehova. Wakhuleka kuJehova khona.