Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 13:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; nempuco ayiyikuthinta ekhanda lakhe, ngokuba indodana iyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; futhi uzoqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 ngoba uzakukhulelwa, uzale indodana: awuyukuliphuca ikhanda layo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni; nguye oyakuqala ukukhulula u-Israyeli esandleni samaFilisti.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 13:5
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngasemuva uDavida wawatshaya amaFilisti, wawanqoba; uDavide wathatha iMetegama esandleni samaFilisti.


Emva kwalokho uDavida wawatshaya amaFilisti, wawanqoba, walithumba iGathi lemizi yalo esandleni samaFilisti.


Ngavusa abaprofethi emadodaneni enu namaNaziri ezinsizwa zenu. Akunjalo, bantwana bakwa-Israyeli? kusho uJehova.


Zonke izinsuku zesithembiso sokuzehlukanisa kwakhe akuyikunqunyulwa mpuco ekhanda lakhe; zize zigcwaliseke izinsuku zokuzahlukanisela kwakhe uJehova, uyakuba ngcwele, ayeke ukuhluthuka kwekhanda lakhe kukhule.


Ngokuba uyakuba mkhulu phambi kweNkosi, angaphuzi wayini naphuzo oludakayo; futhi uyogcwaliswa ngoMoya oNgcwele kusukela esizalweni sikanina.


wamtshela inhliziyo yakhe yonke, wathi kuye: “Akuzange kufinyelelwe mpuco ekhanda lami; ngoba ngangingumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamama.


Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.


Athotywa amaFilisti, akaba esangena emkhawulweni wakwa-Israyeli; isandla sikaJehova saba phezu kwamaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka