UNumeri 4:49 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokomyalo weNkosi basebebalwa ngesandla sikaMozisi, ngulowo lalowo ngomsebenzi wakhe lanjengomthwalo wakhe; babalwa kanye naye, njengalokho uJehova emyalile uMose. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengesiyalezo sikaJehova babalwa ngesandla sikaMose, yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe nangokomthwalo wakhe. Base bebalwa-ke, njengalokho uJehova emyalile uMose. IsiZulu 2020 Babalwa-ke njengesiyalezo sikaSimakade kuMose, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe. Babalwa kanjalo-ke, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. |
Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.
Kodwa amaLevi ayengabalwanga phakathi kwabantwana bakoIsrayeli; njengalokho uJehova emyalile uMose.
UMose wayinika u-Aroni namadodana akhe imali yesihlengo njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.
Lena yinkonzo yomthwalo wabo ngokwenkonzo yabo yonke etendeni lokuhlangana; izinsika zetabernakele, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo;
nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nazo zonke izinto zazo, nawo wonke umsebenzi wazo wenkonzo;
Laba babe ngababalwayo bensendo zamaKohati, bonke ababengakhonza ethenteni lenhlangano, uMozisi loAroni ababalayo ngesiyalezo sikaJehova ngenkonzo kaMozisi.
Lezi ziyizibalo zemindeni yamadodana kaGereshoni, yabo bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababala oMose no-Aroni njengesiyalezo sikaJehova.
Lezi ziyizibalo zezizukulwane zamadodana kaMerari, uMose no-Aroni ababala njengezwi likaJehova ngomsebenzi kaMose.