Base benyuka, balihlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe, lapho abantu befika eHamati.
UNumeri 33:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseZini eliyiKadeshi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi. IsiZulu 2020 Basuka e-Esiyoni Gebheri, bakanisa eKadeshi elisehlane iSini. |
Base benyuka, balihlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe, lapho abantu befika eHamati.
Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.
Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona.
Ngokuba nahlubuka emyalezweni wami ehlane laseSini, ekulweni kwebandla, ukungingcwelisa emanzini phambi kwamehlo abo; lawo angamanzi aseMeriba eKadeshi ehlane laseSini.
Ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli emanzini aseMeriba-Kadeshi ehlane laseSini; ngoba aningingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.